29.12.2012 Views

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

meni, izinhlangano ezingekho ngaphansi

kukahulumeni (NGOs), izinhlangano

ezizinze emiphakathini (CBOs), izinhlaka

zezenkolo kanye nabezindaba. Idolobhakazi

selibambe imihlangano emibili ebe

yimpumelelo yeJSF, owokuqala waba ngo-

2002 kanti owesibili ngu-2003. Yomibili

lemihlangano yayihanjelwe ngamakhulu

ezithunywa zalabo abathintekayo kanti

waholela ekubeni kushiyelwane imibono

phakathi kwedolobhakazi kanye nalabo

abathintekayo.

Miningi eminye imizila esivuliwe ukuze

umphakathi ubambe iqhaza. Uhlelo

lokuphathwa kwezikhalazo ezibhalwe

phansi luqinisekisa ukuthi noma yiluphi

uhlu lwezikhalazo olulethwa kwidolobhakazi

luthola ukubhekelwa ngokuyikho.

Izikhulu ziphoqelekile ukubika kubantu

noma ezinhlanganweni mayelana nohlu

lwezi khalazo zabo. NgoMeyi 2003

idolobhakazi bese lithole izinhla zezikhalazo

ezingu-149.

Uhlelo lokufinyelela emiphakathini ekude

nalo seluqalisiwe kanti luqinisekisa ukuthi

umphakathi uyathintwa mayelana neSu

oluHlangene lokuThuthukisa, isabelo

sezimali salo, iziphakamiso sezinkokhelo

kanye namanye amaphuzu amayelana

nokuphathwa kwedolobhakazi. Izinhlaka

zepolitiki zeGoli zaziwa kakhulu ngokuba

yizingqalabutho nokusebenza ngendlela

kanye nokuvumela ubuholi bepolitiki

obuqinile nobuphendulayo ngokusebenza

kwabo. Idolobhakazi selikubonisile ukuzibophezela

kwalo ekubambeni iqhaza

komphakathi. Selimise izinhlelo ezivumela

izakhamuzi, abamabhizinisi kanye nezinhlangano

zomphakathi ukubamba iqhaza

ezindabeni zedolobhakazi. Sekumiselwe

nezinhlelo zokwakha amakhono abaholi

bezepolitiki kanye nezithunywa zomphakathi

kwezokuphatha ngendlela.

UKUPHATHWA KWEDOLOBHAKAZI

IGoli liyaziwa njengomholi ekuguqulweni

kohulumeni basekhaya kanti seliyihalanjonjo

ezindleleni zokuhlela kabusha

ukuphathwa kwenhlangano. Eminyakeni

emihlanu edlule idolobhakazi labe lisenkingeni

yezimali. Ezokuphathwa kwalo zabe

ziyinhlakanhlaka, abasebenzi babephelelwe

wukuzimisele, ukunakekelwa kwamakhasimende

kwabe kuntekenteke kanti

ukuphakelwa kwemisebenzi kwakungenakuqhubeka.

Ekuthombululeni lezi

zinkinga, idolobhakazi laqala uhlelo

olunzulu lokuhlela kabusha ezokuphatha.

Umphumela walokhu kube ngukuthi

idolobhakazi libuyele esimweni esihle

13

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!