29.12.2012 Views

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ukungalingani emphakathini; ukuqhubeka

kokweswelakala kwamakhono; kanye

nesidingo sokuqinisekisa ukuhlinzekwa

kwemisebenzi yezinga eliphezulu

kubobonke yamanzi, ukukhucululwa

kwendle, ugesi, izindlu, ukunakekela

kwezempilo, ezemfundo kanye nentuthuko

yomphakathi.

Ngokumiselwa phezu kwalokukuqina

kanye nezinselele, iDolobhakazi laseGoli

lamisela isu iJoburg 2030. Lelisu likhomba

ukuthi umbono wokuguqulwa kweGoli

libe yidolobhakazi elisezingeni lomhlaba

lase-Afrika udinga ukubhekelelwa ngecebo

lesikhathi esibanzi:

“Ngo-2030 iGoli liyobe liyidolobhakazi

elisezingeni lomhlaba elinokuhlinzekwa

kwemisebenzi okuphambili okungafaniswa

nokuphambili emhlabeni.

Umnotho walo kanye nabasebenzi balo

bayogxila emkhakheni wemisebenzi

kanti liyobe libheke kakhulu ngaphandle

ngendlela yokuthi umnotho wedolobhakazi

uyobe usebenza ezingeni

lomhlaba wonke. Ukukhula okunamandla

komnotho okuyobangelwa

yindlela yokusebenza ngokuncintisana

komnotho kuyokwandisa izimali

ezingenayo zedolobhakazi, izinzuzo

zabamabhizinisi abazimele kanye

nezimali ezingenayo zomuntu ngamunye

ngendlela yokuthi izinga

lokuphila kanye nekhwalithi yempilo

yazozonke izakhamuzi zedolobhakazi

liyokhula ngendlela eqhubekayo”.

Ngokwalomhlahlandlela iziNgqala zeMeya

eziyisithupha zamenyezelwa, ukukhombisa

ukuthi idolobhakazi lizothuthukiswa

kanjani futhi libuswe kanjani esikhathini

seminyaka emihlanu ebekiwe. Izingqala

yilezi:

� Ukuphatha ngendlela

� Ukuthuthukiswa komnotho nokwakhiwa

kwamathuba emisebenzi

� Ukuvuselelwa kwenkaba yedolobhakazi

� Ukuphepha komphakathi

� Ubuqabavu bokuhlinzeka ngemisebenzi,

ukunakekelwa kwamakhasimende,

iBatho Pele

� Isandulela-ngculazi/Ingculazi (IHIV/I-

Aids)

7

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!