29.12.2012 Views

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

UMBIKO WAMAPHAKATHI NETHEMU WEMEYA YEDOLOBHA

bhizinisi ngeziphakamiso ezibathintayo

kanye nokugqugquzela ukuba umphakathi

ubambe iqhaza ezindabeni zokuphatha

zasekhaya. Idolobhakazi likholelwa

ekutheni ukubamba iqhaza okuyikho

komphakathi kuholela ekutheni uhulumeni

wasekhaya abuzwe futhi aphendule bese

kuzinzisa nentando yeningi ezingeni

lasekhaya.

NgoMashi 2002, idolobhakazi lavumela

inqubomgomo yokubamba iqhaza

komphakathi. Lenqubomgomo iyalela

izikhulu zikamasipala kanye namakhansela

ukuba baqhube umsebenzi wabo ngendlela

evulelekile, esobala, eqotho,

enokungenzeleli futhi ethembekile.

Ngokuqhubezela phambili ukusebenza

okuvulelekile kukahulumeni, idolobhakazi

livulela yonke imihlangano yoMkhandlu

kanye namakomidi emphakathini.

IMeya yeDolobha igqugquzela uhulumeni

obuzwayo aphendule futhi abantu

IMeya yeDolobha noMongameli Thabo Mbeki

12

abakwazi ukubamba iqhaza kuwo,

ngezindlela eziningi. Ubika minyaka yonke

ngokubandakanyeka kwemiphakathi

nezinhlangano zomphakathi ezindabeni

zikamasipala. Selokhu yathatha isikhundla,

iMeya yeDolobha seyethule imibiko emibili

ngokubandakanyeka komphakathi eGoli,

yomibili ekhomba ukuthi idolobhakazi

lithintana kabanzi futhi liyayithatha

imibono yalabo abathintekayo uma

kwenziwa izinqumo.

Ikomidi leMeya liyaye lihlangane

ngokuvamile nezithunywa zomphakathi

kanye nalabo abathinteka ezindabeni

ezithile. IMeya yeDolobha yenza yonke

imizamo ukuvakashela izindawo ezehlukene

zedolobhakazi, ibheka izimo

emazingeni aphansi iphinde ihlangane

namaqembu omphakathi. Ngo-2002

imihlangano yabanjelwa e-Alexandra,

Diepkloof, Orange Farm, Jabulani, Roodepoort,

Midrand, Johannesburg South

kanye nasenkabeni yedolobhakazi.

Esinye isinyathelo idolobhakazi eselisithathile

ukuthuthukisa ukubamba iqhaza

komphakathi ngukumiselwa kweJohannesburg

Stakeholders’ Forum (JSF). I-JSF

ngumhlangano waminyaka yonke lapho

osopolitiki abamnkantshubomvu kanye

nezikhulu zikamasipala bexoxa ngokuphathwa

kwedolobhakazi nezithunywa

zamakomidi amawadi, izinhlaka zomphakathi,

izinhlangano zabasebenzi, izinhlaka

zezemfundo, ososeshini bezakhamuzi

nabakhokhi bezintela, iminyango kahulu-

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!