18.10.2018 Views

NRF Annual Report 2018

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kwesekwa abacwaningi abawu-4700 sebebonke ngesikhathi,

u-36% kwakungabamnyama futhi u-38% kungabesifazane.

Nakuba isibalo sabacwaningi abamnyama nabesifazane

abesekwa, sakhula ngo-8% nango-5% unyaka nonyaka, ukukhula

okuhamba kancane ezibalweni kuyinkomba yenselele yoguquko

ohlelweni lonke.

Isamba sezigidi eziwu-R734 sabelwa ukutshalwa kwezimali

okuyisu u-56% noma izigidi eziwu-R413, wawutshalwe ku-South

African Research Chairs Initiative SARChI. Ngomhla ka-31 Mashi

2018, osihlalo bocwaningo abawu-226 banikezwa, abawu-215

kwakungabenza umsebenzi. I-SARChl seyeseke ngokuqondile

izitshudeni ezineziqu ezingaphezu kwezokuqala eziwu-1147 (u-

52% ngabesifazane kanti u-61% ngabamnyama) ngokusebenzisa

imifundaze exhunywe nabanikazi bezibonelelo ngokuhamba

kwesikhathi. Izikhungo ezingama-Centre of Excellence eziyi-15

(ama-CoE) zabelwa izigidi eziwu-R168 ngonyaka wezimali futhi

kwesekwa izitshudeni ezineziqu ezingaphezu kweziqu zokuqala

eziwu-840 eziwu-56% zazo kwakungabesifazane kanti u-59%

kwakungezimnyama.

Enhlosweni yokuhlinzeka “ngamaplatifomu aholayo ngocwaningo

nengqalasizinda”, inhlangano yatshala u-R11.8 bhiliyoni.

Isamba esiyizigidi eziwu-R159 sabelwa ngesimo sezibonelelo

zengqalasizinda yocwaningo kumanyuvesi ngokusebenzisa

uhlelo i-National Equipment Programme (NEP). Ezinye izigidi

eziwu-R633 zatshalwa eziNdaweni Zocwaningo Zikazwelonke

futhi u-R1 bhiliyoni watshalwa endaweni eyenziwa yeastronomi

yomsakazo, i-South African Radio Astronomy

Observatory (SARAO), ukuqedela Umboniso we-MeerKAT.

Izindawo Zocwaningo Zikazwelonke amaplatifomu ocwaningo

akhiqiza kakhulu okuhloswe ngazo ukuhlinzeka ingqalasizinda

yocwaningo kanye namandla okusuphavayiza ohlelweni

lwenyuvesi ngesikhathi kubandakanywa ocwaningweni

nasentuthukweni okuncintisana umhlaba jikelele. Izindawo

Zocwaningo Zikazwelonke zakhiqiza i-Web of Science (ISI) ewu-

574 yoshicilelo olunezitifiketi ngonyaka kanye nokwenza ngcono

umthelela wokucaphuna onqwabelanayo wonyaka ukuya ku-

1.47 ukusuka ku-1.33 wonyaka owedlule. Izindawo Zocwaningo

Zikazwelonke kubandakanya i-SKA SA nazo zasuphavayiza

izitshudeni ezineziqu ezingaphezu kweziqu zokuqala eziwu-629.

Ekulandeleni inhloso “Yomphakathi ofundile ngesayensi

nobandakanyekayo”, inhlangano yatshala izigidi eziwu-R106

emisebenzini ebandakanya isayensi. Ngemizamo ehlukene

ezweni lonke, inhlangano yaqeqesha abafundisi abawu-2741

yabandakanya abafundi abawu-179 315. Isamba samalungu

awu- 1 191 892 somphakathi sahlanganyela emisebenzini

yokubandakanya isayensi ehlukene ngesikhathi sokubika.

Njengenhlangano ezimisele ngokuguqula isikhungo,

nasekulandeleni inhloso yokwenza “abasebenzi bocwaningo

abamelelayo nabanobuchwepheshe” i-NRF yeqela

ngale kokuhlosiwe koguquko emkhakheni wabasebenzi

bobuchwepheshe abakhulu nabaphethe ababevela emaqenjini

akhethiwe. Ukumelelwa kwabamnyama abawu-52% kwafezwa

kuqhathaniswa nokuhlosiwe okuwu-45% kanye nokumelelwa

kwabesifazane abawu-35% kuqhathaniswa nokuhlosiwe

okuwu-32%. Ukufezwa kokuhlosiwe koguquko kwethu

kuqathaniswa nokusebenza okuhlosile nokuqhubekayo kohlaka

loguquko lwe-NRF kanye nohlelo lobulungiswa emsebenzini.

Imisebenzi emisiwe

Imisebenzi ye-National Zoological Gardens (NZG) yadluliselwa

ku-South African National Biodiversity Institute (SANBI) kusukela

mhla ka-1 Ephreli 2018 njengoba beyinegunya elifanele elingcono.

Njengengxenye yomsebenzi wokuhlela wezinhlobo zohlu olude,

ze-iThemba LABS, ithimba longcweti lahlangana ukubukeza

imisebenzi eNdaweni Yocwaningo Lukazwelonke futhi bahlinzeka

ngezincomo kubaphathi maqondana negunya locwaningo.

Ukubheka iyunithi yokwelapha yengxenye nekakhulukazi

‘isibhedlela’, ukwehla okukhula emisebenzini yokwelapha

engxenyeni yokwelapha kwaba sobala oguqukweni lomhlaba

ekwelapheni okwaholela ekubeni khona kwemishini yokwelapha

esikulungele ukusebenza eyabekwa ezibhedlela esezisimeme.

Ngenxa yalesi sizathu, Ibhodi ye-NRF yeseka isiphakamiso

sokumisa uhlelo loKwelapha Lwengxenye e-iThemba LABS.

Izinselele ezaba khona

Ukuxhasa ngemali okukhethiwe kwenza u-76% wesabelo sisonke

se-NRF kanti ibekelwe imizamo ethize ngqo. U-24% osele

wesabelo soxhaso sonke kuneZibonelelo Zasephalamende

(20%) kanye nenye imali engenayo (4%). Ngokukhula okuncane

unyaka nonyaka emibandeleni emincane (4.9%), isibonelelo

sasephalamende sehlile ngo-0,3% ezikhathini zangempela

zonyaka ophela ngoMashi 2018. Ukwehla okuqhubekayo

kwesibonelelo sasephalamende ngemibandela yangempela

kusalokhu kuwumkhakha okhathazayo ekuqhubekeni

kwemisebenzi nasezimalini zenhlangano. Ukuze kwenziwe

ngcono amandla e-NRF ukwenza ngendlela efanele igunya

layo, kuyodingeka ukuthi imali ekhethelwe kanye neyenkontileka

ibandakanywe esibonelelweni sasephalamende.

Izindaba Zombiko Wokucwaningwa Kwamabhuku

Ukucwaningwa kwamabhuku kwangaphandle okwenziwa

yihhovisi loMcwaningi Mabhuku Jikelele waseNingizimu

Afrika (AGSA) kwaholela ekucwaningweni kwamabhuku

okungenagcobho onyakeni owaphela ngomhla ka-31 Mashi 2018.

18

NRF Annual Report 2017/18

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!