25.02.2013 Views

Full annual report - African Bank - Investoreports

Full annual report - African Bank - Investoreports

Full annual report - African Bank - Investoreports

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ulwazi oluhambelanayo

lungatholakala ezindabeni

zempahla emakhasini 36

ukuya ku-37.

Izindaba zempahla

>business overview

Izindaba zethu zempahla zabukezwa futhi zapholishwa kulo nyaka, ngokusebenzisa

uhlelo lwenkulumo mpendulwano phakathi kwezikhulu eziphethe kanye nebhodi.

Inhloso yokubukeza kwakuwukuhlinzeka ngokubhekela okulula kakhulu nokubheka

okugxilile kwezomnotho, inhlolo yomphakathi, imvelo kanye nokubusa emisebenzini

ehlukene yebhizinisi. Nakuba izingxenye ezibalulekile kanye nemithelela ebhizinisini

nakubabambiqhaza bayo kuhlale kunjalo kakhulu, ukuqoqela ndawonye izinto

ezahlukene kuguqukile ukusuka ngo-2011 ukuya ku-2012. Ithebuli elingezansi

likhombisa izindaba zempahla kanye nezinguquko ukusuka ngo-2011:

2012 2011

M1. Ukuhola ukuhlelwa kokubolekisa M1. Ukuhlala ngeqiniso esibonelweni

okungavikelekile

sethu sebhizinisi

M2. Ukuhlelela ibhizinisi lethu isikhathi

eside

M2. Ukukhulisa abantu bethu

M3. Ukukhulisa abantu bethu M3. Ukuba nomthelele omuhle

ezimpilweni zamakhasimende

ngokuhlinzekwa kwesikweletu

M4. Ukuletha ukubaluleka

M4. Ukugcina isisekelo esiqinile

kumakhasimende ethu

ngokunikeza izimali kanye nemali

yokwenza umsebenzi

M5. Ukugcina ukunikeza izimali M5. Ukufaka isandla ekuqhubekeni

okuqinile kanye nesisekelo semali kokukhula kanye nasoguqukweni

yokwenza umsebenzi

lwesizwe sethu

M6. Ukuletha ukubaluleka

M6. Ukuletha ukubaluleka

ngokusebenzisa izinhlelo

ngokusebenzisa izinhlelo

eziqhubekayo nezithembekile

eziqhubekayo nezithembekile

M7. Ubuzwe benhlangano obuhle M7. Ukwazi ngemvelo nokubhekana

nemisebenzi

Siyaqonda ukuthi ukuba khona kwebhizinisi lethu kuncike ekukwazini kwethu

ukuqhubeka nokuletha ukubaluleka hhayi nje kuphela kumakhasimende ethu,

kodwa kubo bonke ababambiqhaza, nokuthi ukukhula okuqhubekayo kungafezwa

kuphela ngukunaka kakhulu umhlaba esisebenza kuwo. Siyaqhubeka

nokuphokophela ukuletha lokhu kubaluleka ngendlela ebalulekile nethembekile.

Isimo sezomnotho

Iqembu libe nezimo zomnotho eziphakathi nendawo ngesikhathi sika-2012,

nokukhuphuka kwemiholo yangempela okuphezulu kakhulu kanye nezinombolo

zomsebenzi ezisimeme kahle ezibhalansiswe nokukhula kwe-GDP okuphansi kanye

neziyaluyalu kwezemisebenzi ezisandukwenzeka nje. Ukukhula okungahlabi

mxhwele esikweletwini esivikelekile kunxeshezelwe ukukhula okukhulu esikweletwini

esingavikelekile.

Ingxenye yezokuthengisa ibe nokunye ukwehla kwesimo ezigabeni zezimpahla

ezihlala isikhathi eside, ukuqhubeka kokwehla kwamandla emali kanye nokungabi

bikho kokuzethemba kwamakhasimende.

Iqembu okwamanje libhekene nomphumela onokwenzeka obangwa yiziteleka

zezimayini kanye nezeminye imisebenzi ezisandukwenzeka, ngakho kokubili

ukucabanga ngezezimali kanye nokugxile kumakhasimende. Ibhuku lezezimayini

ingxenye encane yebhuku selilonke, elimelele amabhiliyoni cishe angu-R2,8 noma

ama-5% ezimali ezifi ke ngaphambi kwesikhathi. Nakuba bekunomthelela omubi

ekuqoqweni okuphathelene nezimayini ezithintwe yiziteleka, iphothifoliyo

yezimayini jikelele ayibanga nomthelela ngendlela enkulu. Izinga lokuqapha

iphothifoliyo likhulile, nangokuhambisana nezinqubomgomo zethu ezivele zikhona

iqembu lizosiza amakhasimende athintekile ebangeni elinokwenzeka.

African Bank Investments Limited | Integrated Report for the year ended 30 September 2012 27

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!