26.02.2013 Views

Download - African Bank

Download - African Bank

Download - African Bank

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Isaziso somhlangano ovulelekile waminyaka yonke

(siqhutshiwe)

leyo nzuzo (okubandakanya nendlela ebalulwe esigatshaneni 23.13 kodwa kungagcini kuyona), kanti esimeni lapho

kuba nobunzima ngokuphathelene nokwabiwa, bangathatha indlela abazoyibona ifanele kokunye banqume inani

lokwaba leyo mpahla noma ingxenye yayo, bese benquma ukuthi imali ewukheshi iyokhokhwa kunoma yimaphi

amalungu ekukhokhweni kwesamba senani elinqunyiwe ukuze kuhlelwe kahle amalungelo abo bonke abathintekayo

futhi banganikezela leyo mpahla kuma-trustee angabe ebonwe yilabo bantu okumele bathole inzuzo

njengazobasebenzela kangcono”.

14.2 kushuthekwe ingxenye edwetshelwe emushweni wesithathu esigatshaneni 23.4 “Zonke izimali zenzuzo eyisahlukaniso

ezingathathiwe ngabanikazi zingalondolozwa noma zisetshenziswe ngabaqondisi ngendlela ezozuzisa inkampani kuze kube

sezithathiwe ngabanikazi, yinqobo uma lezo mali kuwukuthi zisagcinwe isikhathi esingaphansi kweminyaka eyishumi nambili

ukusuka osukwini okwakumele ziye ngalo kubanikazi kanti azikaze zephucwe abanikazi phambilini, zingathathwa ngabaqondisi

ngenhloso yokuzuzisa inkampani yinkani uma lezo mali zenzuzo eyisahlukaniso zizogcinwa esikhwameni se-trust ngendlela

evezwe esigatshaneni 23.13, isikhathi seminyaka eyishumi nambili esibalelwa lezi mali siyoqala lapho imali ehlanganiswe

okumele ikhokhele amalungu seyedlula inani eliphansi elibekiwe njengoba kuhlongozwa esigatshaneni 23.13”.

14.3 kwegxenye edwetshelwe emushweni wokuqala wesigatshana 23.10:

“23.10 Layo naleyo nzalo eyisehlukaniso, inzalo eyejwayelekile kanye nezinye izimali okumele zikhokhelwe

abanikazimasheya, zingakhokhwa ngesheke, iwaranti noma ngekhuphoni nangezinye izindlela ezinganqunywa

ngabaqondisi ngokuhamba kwesikhathi (okubandakanya nendlela ebalulwe esigatshaneni 23.13 kodwa kungagcini

kuyona), kanti kungathi lapho ikhokhwe ngezinye izindlela okungabandakanyi eyekhuphoni, ithunyelwe ekhelini

lokugcila elalibhaliswe yilungu noma ekhelini ilunga elicele ukuba ithunyelwe kulona, lapho kunabanikazi

abahlanganyele iyothunyelwa kulowo obhalwe kuqala kwi-register yalobo bunikazi obuhlangene, ukukhokha

okwenziwa ngesheke noma ngewaranti uma kuvunywe ngokomthetho noma ukwethulwa kwanoma yiliphi ikhuphoni

nakho kuyovunywa kwamukelwe yinkampani”.

14.4 ukufakwa kwale ngxenye njengesigatshana sama.23.13:

“23.13 Abaqondisi benkampani bangagcina esikhwameni se-trust ngaphandle kwenzalo (noma bakhokhele enye

inhlangano ukuba ibagcinele le-trust) izimali ezincane eziyisehlukaniso senzuzo okumele sinikwe amalungu

anamasheya akhishelwe izitifiketi uma abaqondisi bebona ukuthi ukukhokhwa kwalezo mali akuzubahlomulisa

abanikazimasheya noma inkampani. Lezo mali ezigciniwe ziyokwengezwa enzuzweni eyisihlukaniso eyogcina inikwe

ikhokhelwe amalungu nokuyimali eyokhishwa uma isamba semali esihlangane sesingaphezulu kwenani elincane

elingu-R25,00 noma yilezo zamba ezinqunywe ngabaqondisi, noma ezivunyelwe yiJSE Securities Exchange,

yaseningizimu Afrika ngazikhathi. Lezo mali ezigciniwe ziyodedelwa esimeni lapho amalungu ebhale khona ezicela

noma lapho ubunikazi bamalungu athintekayo sebukhishiwe kwi-register yenkampani yabanezitifiketi.

15. Izizathu nemiphumela yesinqumo esikhethekile esingunombolo 3

Isizathu sesinqumo esikhethekile esingunombolo 3 wukuchibiyela usomqulu wezimiso zenkampani ukuze abaqondisi benkampani

babe negunya:

15.1 lokugcina baqoqele ndawo inzuzo yezahlukaniso okumele inikwe amalungu uma kuwukuthi ukukhokha lezo mali

akuzuwahlomulisa lawo malungu kumbe inkampani;

Into eyenze kwaba nesidingo salesi sinqumo:

15.2 inani elikhulu labanikazimasheya abanamasheya ambalwa enkampanini, okwenza ukuthi kuthi lapho kumele kukhishwe inzuzo

eyisehlukaniso uthole ukuthi uhlelo ngokwalo luyabiza kakhulu lapho uqhathanisa nobungako bemali okumele iye kumnini

masheya.

Umphumela wesinqumo esikhethekile esingunombolo 3 wukuchibiyelwa kwesigatshana sama-23 sikasomqulu wezimiso

zenkampani ukuze:

15.3 kugunyazwe abaqondisi ukuba bagcine izimali zenzuzo yesahlukaniso zize zibe yisamba esibonakalayo ngaphambi kokuba

zedluliselwe kumalungu. Amalungu athintekayo kulokhu azokwazi ukuba acele izimali zawo zidedelwe lapho ezidinga

nganoma yisiphi isikhathi.

African Bank Investments Limited 146

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!