26.02.2013 Views

Download - African Bank

Download - African Bank

Download - African Bank

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Incwadi eya kwabanezabelo iqhutshiwe

kokusebenza ozoqinisa

ukubandakanyeka kwabaneqhaza,

lihlole bese lilawula ubungozi

(kuhlanganisa ubungozi benhlalo

yomphakathi kanye neyendawo)

bese liqinisa ukusebenzisana kanye

nokubambisana ukuze kwakheke

amathuba.

Izinhlelo ezingumphumela kwalokho

kubuyekezwa kokuqhubekezeleka

sezivele seziyasebenza. Into

okuzogxilwa kuyo ngo-2004

ngukwakha icebo elijulile

lokuqhubekezela ukusebenza

enhlanganweni yonke. Enye yezinto

ezibalulekile okuzobhekwana nayo

ngukususwa kokukhokhelwa

kwabathile yilawo makhasimende

asebenza kangcono.

3. Ukugqugquzela ukugxila

kumakhasimende kulolonke

iqoqo

I-ABIL seyibe nempumelelo

kulemboni enobungozi obukhulu

ngenxa yamakhono amabili

abaluleke kakhulu: ukukwazi ukuba

ngummeleli kanye nokubeka inani

lobungozi kwimakethe enobungozi

obukhulu kanye nokukwazi ukuqoqa

izikweletu ngokuyikho kulemakethe.

Ukuqonda ukuziphatha

kwamakhasimende kuyisizimelelo

sakho kokubili lokhu.

Ukuqhubeka ukutshala nokwenza

ngcono izinhlelo zokummelela

nokuqoqa izikweletu kungukhiye

wokuqhubekezekeka kokusebenza

kwethimba. Ukuqonda okwandile

kwamakhasimende kuvula amathuba

amasha okwakha amacebo

ehlukanayo kumakhasimende amahle

nalawo angakhokhi kahle. I-ABIL

imatasa nokumisela amakhadi

ayizinkomba zokuziphatha kulolonke

iqoqo ukuze ikwazi ukuhlomulisa

amakhasimende amahle –

nokuzoholela ekwethembakaleni

kwamakhasimende kanye

nasekuwagcineni. Amakhadi

ayizinkomba zokuziphatha azophinde

asize ekwenzeni inqubekelaphambili

ekuvuselelweni kwamakhasimende

asenkingeni yezimali.

4. Ukuhlola ngokucophelela

amathuba okukhula

kwamanye amazwe

Okwamanje iABIL iyinhlangano

yaseNingizimu Afrika, engenawo

amanye amabhizinisi ngaphandle

kwemingcele yalelizwe. Leli yicebo

ebelisetshenziswa ngamabomu;

injongo yalo bekungukuba siqale

siphumelele kwimakethe

yangaphakathi ngaphambi kokuba

sicabange ukukhula ngokwendawo.

Iqoqo likholwa ngukuthi isikhathi

sesikahle ukubhekelela amathuba

amabhizinisi ngaphandle

kweNingizimu Afrika njengengxenye

yecebo lokukhula.

Ukungena kwamanye amazwe

kwencike ezibonelelweni ezintathu

ezingukhiye:

Ukuheha ngokomnotho

kwemakethe ethizeni;

Ukufaneleka, ukuzinza kanye

nokusebenza ngokuyikho

kwezokulawula komthetho

kuleyondawo; kanye

Nokukwazi kwe ABIL

ukuncintisana ngokuqhubekayo

kuleyo makethe.

Ekungeneni kwamanye amazwe,

iqoqo lizolandela icebo lokukhula

elinobungozi obuncane, lihlole

ngokucophelela lezo zimakethe,

lisebenzisane ngokugcwalisela

ebuchwephesheni bendawo

futhi lisebenze sakuhlola ukubheka

ukuthi yimodeli enjani engasebenza

ngokuyikho endaweni ngayinye.

5. Ukwehliswa futhi

kwezindleko

Ukukwazi ukuqhubekeka

nokusebenza kudinga ukuba sibe

ngabakhiqizi bezindleko eziphansi

kunabobonke ezimakethe

esisebenza kuzo. Sesibe nayo

inqubekelaphambili

ekulinganisaneni izindleko zezinhlaka

zethu nezidingo zamakhasimende,

kanti indinganiso yethu yezindleko

uma ziqhathaniswa nenzuzo, iyehla.

Ngaso leso sikhathi nokho,

indinganiso yezindleko namafa

seyikhuphukele emaphesentini

angamashumi amabili. Kwezinye

izindawo zebhizinisi yeqoqo –

ikakhulukazi ezindlekweni ezimileyo,

amanye amathuba okuguqula

izindleko asekhona. Iqoqo lizimisele

ukulawula izindleko ngokulinganisa

kanye nangokungananazi.

Ngokokulinganisa, inhloso

ngukwehlisa indinganiso yezindleko

nenzuzo ibe ngaphansi

kwamaphesenti angu-35 bese kuthi

indinganiso yezindleko namafa iye

emaphesentini angu-17,5 noma

ngaphansi. Ngokokungananazi,

iABIL izimisele ukulawula izindleko

zayo zibe phansi esikhathini eside

esizayo,

Onyakeni owedlule, sibuyekeze

izinhlelo zebhizinisi lethu ukuhlonza

nokumisela ukonga nokuvimbela

izindleko. Unyaka ozayo uzobona

ukuqhubeka kwalokhu, kanjalo

nenqubekelaphambili ekwakhiweni

kwezinhlelo eziyizo zokulawula

izindleko kuzozonke izizinda

zebhizinisi lethu. Ngokwengezelela,

sizophucula izinhlelo zokuhlola

ukusebenza ukwakha isikompilo

lokonga esilidingayo.

6. Ukwakhiwa kwesikompilo

lokusebenza kulolonke

iqoqo

Kulonyaka siye sahlola isikompilo

kwi-African Bank, sabona amaphuzu

amahle namabi alelo sikompilo.

Izimfuneko ezinkulu ezabonakala

esikweni lokuhlola amabhuku

kwafakwa ukuxhumana kombono

namasu kubasebenzi ngendlela

abaqonda ngayo, ukhuthuthukiswa

kwesiko lasemsebenzini eliholela

ekukhuleni kokwethembana

nokuvulelekelana, ukukhuliswa

kwamandla okwenza isimo

sokuphatha aphathelene nezezimali

nangaphathelene, ukwenza ngcono

ukuhlanganisa kanye nokuxhumana

ngase zindabeni eziqondene

nokwenza ezingeni lumuntu

ngamunye kanye nenhlangano.

Ngokwemiphumela yalokho kuhlola,

i-African Bank Retail isohlelweni

lokwakha uhlelo lokuguqula

isikompilo, nelizomiselwa ngo-2004.

Injongo yokuguqula isikompilo

kuzoba ngukubhekelela lezo

zindawo ezahlonzwa

njengobuthakathaka ngabasebenzi.

Akukho kuhlola okwenziwa

kwiSpecial Lending. Inhloso

ngukwenza lokho kuhlola ngo-2004,

bese kubhekelelwa ubuthakathaka

obubonakele.

Ukuqinisa ibhodi kanye

nethimba lokuphatha

Njengengxenye yokuzinikelela

ekugcineni amazinga aphakeme

okuphatha izinkampani ngokuyikho,

ibhodi yeABIL, ngo-2002, yamisela

ukubuyekezwa okuzimele kwezinhlaka

kanye nezinhlelo zeqoqo zokuphathwa

kwezinkampani yiWoodburn Mann,

ingxenye yenkampani iWhitehead Mann

Group plc eBrithani. Ukubuyekeza

kwahlanganisa:

Ukwakhiwa kwemodeli

yokwakheka kwebhodi kanye

nokusebenza nekhomba

umkhombandlela ophusile iqoqo

elizinikele kuwo kanye nezidingo

zika King II.

Ukuhlolwa kokuhleleka

kwamakhono, ulwazi kanye

nobuchwepheshe obukhona

ebhodini kanye namakomidi

ebhodi mayelana

nomkhombandlela omiselwe

weqoqo kanye

9

African Bank Investments Limited

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!