29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UHLELO LUKANKULUNKULU NGEMPILO YAKHO –

Isigaba 1

Uqeqesho Lokwenza Abafundi Bendawo abaholi – Isifundo 2

Waylon Moore

1. Wakudalelani uNkulunkulu? “Udumo Lubengolwakhe”

“Uma umuntu ekhuluma,makakhulume njengokwamazwi

kaNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla

awanikwa nguNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu

Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade

naphakade, amen.” (1 kaPetru 4:11)

“Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke

kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. Ningakhubekisi nabaJuda,

namaGreki nabandla likaNkulunkulu.” (1 kwabaseKorinte 10:31-32)

2. Udunyiswa kanjani uNkulunkulu?

“Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela

indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

(AmaHubo 50:23)

“Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu

ukuba babone imisebenzi yenu emihle badumise uYihlo

osezulwini.” (Mathewu 5:16)

“UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo

eziningi, nibe ngabafundi bami.” (ngokukaJohane 15:8)

“Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze lapho

benihleba ngokuthi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi

yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.”

(kaPetru 2:12)

Noma yini eniyakuyicela egameni lami ngiyakukwenza ukuba

uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.” (ngokukaJohane 14:13)

202

“Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya

oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo

abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke

mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.” (1 kwabaseKorinte

6:19-20)

“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela

inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto

zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”

(Isambulo 4:11)

3. Singamthokozisa kanjani uNkulunkulu?

“Nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke,

nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula

ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe nokuqiniswa konke

ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela

konke nokubhekakade ngokujabula, nibonga uYise.”

(kwabaseKolose 1:10-11)

“Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa

kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini

akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha (1

kwabaseThesalonika 4:3-4)

“Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa;

ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi

ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”

(kumaHeberu 11:6)

“Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka

babangenamandla, singazithokozisi thina. Yilowo nalowo kithi

makathokozise umakhelwane, kube kuhle aze akheke, ngokuba

noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba

kulotshiwe ukuthi: ‘ukuthuka kwabathukayo kwehlela phezu

kwami.”’ (kwabaseRoma 15:1 -3)

203

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!