29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Nkosi yamaJuda.” Bamphimisela, base bethatha lenduku

ebebemnike yona bamshaya ngayo ekhanda. Sebeqedile ngayo

ukuhlekisa Ngaye, bamhlubula izambatho baphinda bamgqokisa

izimpahla Zakhe bahamba Naye baya eGolgotha noma “iNdawo

yeKhanda” yilendawo ayezo bethelwa kuyo.

UJesu wabethelwa lapho, esiphambanweni amasotsha

amaRoma aphanyeka umbhalo esiphambanweni owawuthi, “Lo

Yinkosi YamaJuda.” UJesu wabethelwa phakathi kweze lelesi

ezimbili.

Kusukela ehoreni lesithupha kuya kwelesishiyagalolunye,

uJesu elenga esiphambanweni ubumnyama bamboza umhlaba.

Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wakhala ethi, “Eli, Eli, lama

sabaktani? Okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami,

ungishiyeleni na?” Ngemuva kwesikhathi wamemeza futhi. Wabe

esenikela ngomphefumlo wakhe.

Ngesikhathi enikela ngomphefumulo wakhe, kwenzeka

izinto eziningi kanye kanye. Iveyili lethempeli ladabuka kabili;

umhlaba wazama zama, kwaqhephuka, amatshe, amathuna amaningi

avuleka, kwaze kwathi abangcwele ababefile bavuka. Basuka

emangcwabeni baya eJerusalema babonwa ngabaningi.

Imibuzo

1. Wakhashelwa kanjani uJesu?

2. Omunye wabafundi kukhona akwenzayo elwela uJesu.

Kwakuyini? Wabe esenzenjani uJesu?

3. Ngesikhathi ebanjwa benze njani bonke abafundi bakhe?

4. Abantu ababamba uJesu bamsaphi?

5. Noma babebaningi ofakazi bamanga bagcina bemgwebe kanjani

uJesu?

6. Abaholi nabaPristi bamsaphi uJesu sekusile.

7. UPilatu esemphenyile uJesu akamtholanga enecala kodwa

wesaba abantu, ngakho wathi abantu mabakhethe. Wathi

mabakhetheni abantu, abantu bona bakhetha kanjani?

8. Amasotsha amphatha kanjani uJesu?

9. Ngemva kwamahora amathathu obumnyama, uJesu wamemeza

kuNkulunkulu. Iyini incazelo yalokhu kumemeza.

284

10. Yiziphi ezinye izinto ezenzeka ngesikhathi uJesu enikela

ngomphefumulo Wakhe?

Amaqiniso kaMoya – Isifundo 6

ngokukaMathewu 26-27

1. Ngubani uJesu? Indodana yoMuntu ehleli ngakwesokunene

samandla eza ngamafu esezulwini.” Yiyo lempendulo uJesu

aphendula ngayo umpristi omkhulu, yilokhu kuvuma

okwamenza wayo bethelwa. Kwaba yimpendulo abangazange

bavume ukuyamkela. Kodwa umuntu umele aziphendulele

lowo mbuzo. Ngubani ngempela uJesu? Ngoba uma uJesu

ngempela ahleli ngakwesokunene Samandla ebuya futhi

ngamafu aseZulwini, kumele sikhethe ukuthi siyokwenzenjani

ngaye?

2. UJesu wabethelwa esikhundleni sikaBaraba, isigebengu esasinga

funwa, kodwa uBaraba wathola inkululeko.

*Mhlawumbe angiyiso isigebengu esizo ndwayo, kodwa

njengoBaraba, nami ngiyisoni phambi kukaNkulunkulu nami

ngithole isigwebo sokufa. Lithi iBhayibheli kumaRoma 6:23,

“Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa.” Lokhu kusho ukuthi sonke

simelwe ukufa ngenxa yezinto ezimbi esizenzile ezimpilweni zethu.

Akukhathalekile noma sinezono eziningi njengoBaraba noma

besingabantu abalungile njengabanye babafundi bakaJesu.

3. UJesu wahlukunyezwa, wehlulelwa wabulawa ukuze ahlawule

izono zethu. Yilesisizathu esenza uJesu weza emhlabeni.

Wayefuna ukuthi sime phambi kukaNkulunkulu sithethelelwe

izono zethu. Abanye bathi uJesu imfelikukholwa noma

umprofethi. Lokhu akusilo iqiniso ngendlela uJesu achaza

ngayo. Wathi unguNkulunkulu futhi uze emhlabeni ukusifela.

4. UJesu wanikela ngomoya wakhe. UJesu wayengehla nanini

esiphambanweni. Wayengababulala bonke laba ababenze

inhlekiso Ngaye ngezwi elilodwa. Kodwa ngokukhetha kwakhe,

285

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!