29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

uSathane ngokusebenzisa Izwi likaNkulunkulu. Okokugcina

uSathane wasa uJesu entabeni wathi, “zonke lezizinto ngizokunika

zona uma ungakhothama ungikhonze.” UJesu wamphendula ethi,

“Khonza iNkosi uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.”

Wabe esesuka uSathane ehamba, zeza izingelosi zamkhonza.

Esebuyile ehlane, uJesu wezwa ukuthi uJohane

uMbhapathizi uboshiwe. UJesu wabe eseya eGalile, esifundeni

sasenyakatho ye Judiya, eshiya idolobha lokukhula kwakhe

iNazaretha, waya eKhaphenawume lokhu kwakungukugcwaliseka

kwesiprofetho somprofethi uIsaya uma ethi, “Izwe lakwa Zebhuloni

nezwe lakwa Naftali, ngasolwandle, ngale kweJordani, iGalile

labezizwe, abantu ababehleli ebumnyameni sebebone ukukhanya

okukhulu, nalabo ababehleli esifundeni nasethunzini lokufa

ukukhanya sekufikile.”

Imibuzo

1. Chaza ngendoda enguJohane uMbhapathizi.

2. Wawuthini umbiko kaJohane uMbhapathizi?

3. Wenzenjani uJohane kulabo ababevuma izono zabo?

4. Yini eyenza uJohane uMbhapathizi angafuni ukubhapathiza

uJesu?

5. Wabhajadiswa kanjani uJesu?

6. Kwenzekani ekuphumeni kuka-Jesu emanzini?

7. Wahambelani uJesu ukuya ehlane?

8. Wenzani uJesu izinsuku ezingu 40 nobusuku obungu 40?

9. Yisiphi esinye sezilingo uSathane amlinga ngaso na?

10. Ngemva kwezilingo ngobani abeza bazomkhonza uJesu?

11. Wayaphi uJesu esezwile ngokuboshwa kukaJohane

uMbhapathizi?

12. Wawuthini umbiko ka-Jesu? Ngubani owashumayela umbiko

ofanayona?

262

AmaqinisoKaMoya - Isifundo 2

ngokukaMathewu 3-4

1. Umbiko kaJohane uMbhapathizi nokaJesu wawufana.

“Phendukani ngokuba uMbuso weZulu ususondele.”

• Ukuphenduka kusho ukushiya izono empilweni yakho.

Kusho ukunikela ngempilo yakho ephelele kuJesu Kristu.

• Isono ngesokunga laleli uNkulunkulu nomthetho Wakhe.

• Ukuphenduka ku into enzima yini kumuntu ukuba ayenze na?

Lelizwi lisho ukuthini kuwe? Luxoxeni loludaba kuwo

wonke amaqembu. Nalowo nalowo makaveze uvo lwakhe.

2. Abaholi benkolo babona singekho isidingo sokuthi baphenduke

ezonweni zabo ngenxa yenkolo yabo. Babecabanga ukuthi bona

balungile. UJohane wathi laba bantu bayinzalo yezinyoka.

Ukhona yini emhlabeni okholwe ngokwanele noma olunge

ngendlela yokuthi asikho isidingo sokuphenduka?

*IBhayibheli lithi kwabase Roma 3:23 "Ngokuba bonke bonile

basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu.”

*Ukhona yini emhlabeni ongenaso isono empilweni yakhe? Ukhona

yini ongakaze amedelele noma amlahle UNKULUNKULU ngezenzo

nangesimilo? IBhayibheli lithi "qhabo". Uyavumelana

neBhayibheli uma lithi sonke sonile ezimpilweni zethu? Futhi

kubalulekile ukuvumela wonke umuntu athole ithuba lokubhekana

neZwi likaNkulunkulu kulesisihloko. Njengomhloli akufuneki wenze

impikiswano futhi ungavumeli umuntu enze impikiswano, kodwa

kulungile ukubavumele baveze imibono yabo.

3. UJesu wabhapathizwa, kodwa ngoba enguNkulunkulu akazange

one. Lokhu

kusitshela ukuthi umbhapathizo akusilo usiko lwenkolo

olungasusa izono empilweni yomuntu. Uma ngabe injongo

yombhabhadiso kwabekungukususa izono emntwini, uJesu

wayengeke abhapathiswe ngoba wayengakaze one.

263

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!