29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

umthetho kaNkulunkulu ngoba imibhalo ithi, “Ngifuna isihawu hayi

umhlatshelo.”

Ukusuka ensimini kakolweni uJesu nabafundi bakhe baya

esinagogeni lapho-ke bafica indoda eyayinesandla esishwabeneyo.

UJesu wathi kuleyondoda ayelule isandla sayo, wayiphilisa khona

lapho eSinagogeni kubuka wonke umuntu ngeSabatha.

Bathukuthela abaFarisi, bahamba bayosungula ukumbulala

uJesu. UJesu azi ukuthi bacebani, naye wasuka wahamba. Isixuku

samlandela , waphilisa bonke.

Waqhubeka uJesu ngokusebenza kulesosifunda isikhashana

ebafundisa, ebaphilisa. Kwaze kwaba kabili bemlandela ehlane

behlala lapho isikhathi eside belalela amazwi akhe bengadlile.

Kwaze kwaba kabili uJesu ethatha izinkwa ezingaphansi

kweziyisikhombisa nezinhlanzana ezimbalwa epha abantu

abangaphezulu kwezinkulungwane ezine.

Esasebenza eGalile, uJesu wabachazela abafundi bakhe

ukuthi masishane wayezobuyela eJerusalema, nezinto ezesabekayo

ezazizokwenzeka empilweni yakhe. Wabatshela ukuthi

wayezohlukunyezwa ngabaholi bama Juda, aze abulawe, kodwa

ngemva kwezinsuku ezintathu wayezovuka futhi.

Imibuzo

1. Wabathumani abafundi bakhe uJesu?

2. UJesu wathi uzokwenzenjani ngalabo abamvuma phambi

kwabantu? Labo-ke abamphika phambi kwabantu?

3. Benze njani abantu base Kapenawume kanye nalezozindawo

ezazimbona uJesu enza izimanga uma sezimuzwa eshumayela?

4. UJesu wathi bonke abasindwayo mabeze kuye.

Wabathembisani?

5. Yini eyenza uJesu nabafundi bakhe bame ensimini?

6. Yini eyenza abaFarisi bamnyembe uJesu ngokukha ukolweni

badle?

7. Yini abaFarisi okwenza ukuthi baphikisane noJesu elula isandla

somuntu esishwabeneyo?

8. Yaba yini injongo yesigungu esenziwa ngabaFarisi na?

272

9. UJesu watshela abalandeli bakhe ubuhlungu obabuzomvelela.

Wayeprofethani?

Amaqiniso kaMoya - Isifundo 4

NgokukaMathewu 10 –16

1. Labo abavuma igama likaJesu phambi kwabantu, Naye

uyakubavuma phambi kukaBaba. Kodwa labo abamphikayo

phambi kwabantu, naye uyobaphika phambi kukaBaba eZulwini.

2. Abaningi bamlandela uJesu ngoba babefuna nje ukumbona enza

izimangaliso, kodwa babengafuni ukuba nobudlelwano naye,

abafunanga ukulalela amazwi akhe. Abafunanga ukuphenduka

ezonweni zabo. Babefuna ukuzifezela ezabo izinhloso

ngokusebenzisa uMusa kaNkulunkulu. Basekhona yini

nanamuhla abanjalo? Kukhona omaziyo?

3. Okunguyena yena onokuxhumana noBaba nguJesu Kristu kanye

nalabo abeza kuBaba ngoJesu Kristu. Akekho omunye

umxhumanisi kuNkulunkulu ngaphandle kukaJesu Kristu.

Munye uNkulunkulu, yinye indlela eya kuNkulunkulu,

neBhayibheli lisifundisa ukuthi leyoNdlela nguJesu Kristu.

* Mhlawumbe wena ufundiswe ukuthi uma uthandaza kuNkulunkulu

umthandaze ngabanye kungesiye uJesu Kristu. Ngobani laba abanye

abaxhumanisi: bayizithixo, abaprofethi, noma ngabantu abalungile

bakudala? IBhayibheli lithi yebo kungenzeka ukuthi babelungile,

kodwa abasiye uNkulunkulu. Uyavumelana yini neBhayibheli

ukuthi uyedwa uMxhumanisi phakathi kukaNkulunkulu nomuntu,

uJesu Kristu.

4. UJesu ufuna ukusithwalela imithwalo nezinkathazo. Umnene

uthobekile ngenhliziyo. Ufuna ukusikhulula emithwaleni

esiyithwele. Kuye sinokuthola ukuphumula kwemiphefumulo

yethu uma samkela ijokwe lakhe, ngamanye amazwi, uma

samkela ubuholi nobukhosi bakhe ezimpilweni zethu.

273

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!