29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

“Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu.

Ngimphakamise ngokubonga. Kuyakuthandeka kuJehova

kunenkomo, kunenkunzi enezimpondo nezinselo.” (AmaHubo

69:30-31)

4. Isibonelo sikaJesu kubantu - Nendlela aziphatha ngayo.

“Wathi kubo: Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba

ningabi-nakukholwa na?” (ngokukaMarku 4:40) uJesu

akakubonanga ukukholwa kubafundi bakhe.

Isigaba sokuhamba kukaJesu phezu kwamanzi. “…Kepha

abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa

luvalo, bathi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu

wakhuluma kubo masinyane wathi: ‘Yimani isibindi! Yimina.

Ningesabi.’ UPetro wasephendula, ethi kuye, ‘Nkosi, uma

kunguwe,yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.’ Wayesethi,

‘woza.’ Wehla-ke uPetro emkhunjini, wahamba phezu

kwamanzi, weza kuJesu. Kepha ebona umoya wesaba; eseqala

ukushona wakhala wathi, ‘Nkosi, ngisindise!’ Masinyane uJesu

welula isandla wambamba. Wathi kuye, ‘Awu wena

onokukholwa okuncane, ungabazelani?’” (ngokukaMathewu

14:22-31) UJesu wabona ukukholwa okuncane kukaPetro.

Isigigaba sowesifazane waseKhenani. “UJesu waphendula

wathi: ‘Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini

ezilahlekileyo zendlu yakwa Israel.’ Kepha wayeseza,

wakhuleka kuye, wathi: ‘Nkosi ngisindise.’ Waphendula

wathi: ‘Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphose

ezinjeni.’ Yena wathi: ‘Yebo Nkosi, kepha nezinjana zidla

imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.’ Khona uJesu

waphendula wathi kuye: ‘O mame kukhulu ukukholwa

kwakho!’” (ngokukaMathewu 15:22-28)

UmKristu udinga ukukhula kuKristu afane Naye. “Ukuze

singabe sisaba-yizingane, sishukunyiswa okwamaza,

sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu,

204

ngobuqili obunamacebo okudukisa; kodwa sithi sikhuluma

iqiniso ngothando, sikhuleke ngakho konke kuye oyiNhloko,

uKristu.” (kwabase-Efesu 4:14-15)

Umgomo wempilo yobuKristu akukhona-nje ukuphumelela kodwa

ukuba nempilo kaKristu. UNkulunkulu ubabizile abantu ukuba

bafinyelele ekupheleleni. Umgomo kaNkulunkulu ngathi ukuba

sikhule sivuthwe. 2 kwabaseKorinte 4:7 kuthi, “Kepha lengcebo

sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu

kakhulu bube-ngobukaNkulunkulu bungabi ngobuvela kithi.”

UHLELO LUKANKULUNKULU NGEMPILO YAKHO -

Isigaba II

Uqeqesho Lokwenza Abafundi Bendawo Abaholi - Isifundo 3

Waylon Moore

Ukuqonda iZwi likaNkulunkulu

A. UKULALELA uNkulunkulu ekhuluma. “Ngokuba owenza

intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu

nomame.” (ngokukaMarku 3:35)

B. FUNDA ukuze ukhule. “Nakekela ukufunda, nokuyala,

nokufundisa, ngize ngifike.” (1 kuThimothewu 4:13)

C. HLOLA iZwi ukuze uguquke. “Labo-ke babebahle

kunabaseThesalonika, balamukela iZwi ngenhliziyo yonke,

bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini

lezozinto.” (Izenzo 17:11)

D. FUNDA NGEKHANDA ukuze ukwazi ukuhamba nalo iZwi

yonke indawo.

E. ZINDLA NGALO iZwi ukuze lisebenze empilweni yakho.

“Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho abangukujabula

kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba

ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

205

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!