Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions
Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions
Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
10. UJesu wathi uma umvuma phambi kwabantu,

naye____________phambi kuka____________ ezulwini.

11. AmaGalile amaningi kanye neningi labantu

baseKhaphenawume, _______________ izwi likaNkulunkulu,

bamane balandela uJesu ngoba bebona izimangaliso azenzayo.

12. Abafunanga ukuguquka ezonweni zabo. Futhi kusho ukuthini

“ukuphenduka?” ___________________________________

13. UJesu wathi uzonika uku_____________________kubo bonke

abakhatheleyo naba sindwayo ngoba ijokwe lakhe ___________.

14. AbaFarisi abathandanga ukuthi uJesu aphilise indoda

eyayinesandla esishwabeneyo ngoba

kwakuyi________________ futhi kuphambene nomthetho

ukusebenza nge________________.

15. AbaFarisi benza icebo loku___________________uJesu.

16. UJesu wayazi ukuthi abaFarisi baceba ukumbulala kodwa

waqhubeka wenza izimangaliso eziningi okubalwa kuzo

ukwandisa, nokupha abantu i____________ ezimbili

ne_____________ukupha abantu abangaphezu kwe 4000.

UJesu nabafundi bakhe basuka eGalile baya eJerusalema. Esezo fika

eJerusalema

wathuma abafundi bakhe ababili emzaneni ukuthi bayolanda ithole

lembongolo ayelidinga. Wagibela kulo eseyongena eJerusalema.

Wangena ngobu Khosi nangokuthokoza okukhulu. Isixuku

samzungeza emgwaqweni. Babeka izingubo zabo lapho ayehamba

khona bamendlalela uJesu aze ayongena edolobheni. Abanye bakha

amagatsha esundu bawendlala emgwaqeni ayehamba kuwo

bekhombisa ukumhlonipha. Abanye bahamba ngaphambi

nangasemuva kwakhe bememeza bethi, “Hosiyana kuyo iNdodana

kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana

kweliphezulu!”

Idolobha laseJerusalema lashukunyiswa yilomkhosi onje

ongakaze wenzeke. Bonke babebuza bethi, “Ngubani lo?” Abaningi

baphendula bathi, “Lo nguJesu umprofethi ophuma eNazarethi

laseGalile.”

UJesu wangena emzini waqonda eThempeleni labaJuda.

Wafika wabakhipa bonke ababethengisa eThempelini. Wagumbuqela

276

amatafula alabo ababeshintsha izimali phakathi eThempelini. Wathi

kubo, “kulotshiwe ukuthi, INDLU YAMI iya kuthiwa

eyokuthandaza, kodwa nina seniyenze umhume waba phangi.”

Emva kwalokhu wahlala eThempelini ephilisa, evula amehlo

ezimpumputhe.

Emva kokuba uJesu esefundise abantu izinto eziningi,

esenze izinto eziningi ezimangalisayo eThempelini, aba pristi kanye

namalunga amaningi enkolo yabo, babuthana ndawonye ukwenza

icebo lokumbulala. Benza icebo lokuthi banga mbulala kanjani.

Nokho babengenandlela yokuthi lokhu bangakwenza kanjani

ngesikhathi se Phasika, babona kungcono ukuthi makwedlule kuqala

iPhasika bese bebonake ukuthi benze njani ngoJesu.

Omunye wabapostoli kwaba yishumi nambili,

oweyenguJuda Iskariot, wayobona abaPristi abakhulu wafika wathi,

“Nizonginikani uma ngimkhaphela kini na?” Bavumelana

ngokumnika izinhlamvu ezingu 30 zesiliva. Ukusukela ngalelo

langa uJuda waqala ukufuna indlela yokumkhaphela uJesu.

Kwakuyiviki le Phasika, abafundi balungiselela isidlo

ngalendlela uJesu aye bayalele ngayo. Ngalobobusuku uJesu wahlala

nabo ekudleni abafundi abayishumi nambili wathi, “ngiqinisile ngithi

kini omunye wenu uzongikhaphela.” Esakusho lokhu, abafundi

bakhe babalusizi, babuzana kuyilowo ethi, “Nkosi ingabe yimi na?”

UJesu wabaphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami

esitsheni nguyena ozakungikhaphela. Indodana yomuntu iyamuka

kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowomuntu

iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowomuntu

ukuba kazalwanga.”

Kwathi uJuda kanye lo oWamkhaphela naye wabuza wathi:

“Kungaba-yimi, Rabi, na?” UJesu waphendula wathi: “Usho

khona.”

Ngakhoke badla ndawonye kulobo busuku, kwathi besadla,

uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika

abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzinba

wami.” Wabe esethatha isitsha, wabonga wabanika wathi: “Phuzani

nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano

elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”

277