29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

athanda ukusebenzisa amaculo endabuko. Abanye bathanda

ukusebenzisa amakhorasi okudumisa. Sikholwa ukuthi kumelwe

siwahloniphe amasiko nemikhuba yabantu bendawo, kumelwe

futhi sizihloniphe izimiso zalelo nalelobandla. Kepha

ukuzikhethela uhlobo lomculo kulelobandla ukuzikhethela ukuthi

lizosebenzisa muphi, kubalulekile nokho ukuba inkonzo yabo

ithokozise nokuthi iphile. Kungukugubha umkhosi kaNkulunkulu

wethu.

Amanye amabandla aseAfrica asebenzisa amasimbali aze

asine phambi kwebandla ngesikhathi kukhonzwa ngendumiso.

Kuyiphutha ukuthi “kumelwe ungenzi kanje ngoba akusiyo

indlela esiqhuba ngayo inkonzo eMelika eBrazil, Endiya noma

kuyiphi enye indawo.”

Ibandla kumelwe livame ukubhaphathiza nokwenza

isidlo seNkosi kube yingxenye yokukhonza kwalo. U Dr.

Charles Brock encwadini yakhe ebizwa ngokuthi Umsuka

Wokutshalwa Kwebandla (Indigenous Church Planting) wenze

nazi iziqapheliso ezilandelayo maqondana nanazi izimiso

ezimbili ezisemqoka:

Uma uzobhapathiza kumelwe ube nalokhu:

A. Umuntu ofanele - umuntu ophendukile ezonweni zakhe

wakholwa kuJesu Kristu wamenza yena yedwa waba

yiNkosi yakhe, uMsindisi wakhe noMlamuleli wakhe.

EBhayibhelini akukho nelilodwa ivesi elithi ingane

imelwe ibhapathizwe. Likubeka kucace ukuthi kufanele

sibhapathize umuntu ophendukile. Ingane ayikwazi

ukwamukela uKristu abe yiNkosi, uMsindisi

noMlamuleli.

B. Amagunya afanele - Ibandla lendawo elizibusayo

lingazinqumela ukuthi ubani elizombhapathiza nokuthi

ubani elingeke limbhapathize.

C. Umphathi ofanele - Yilelo nalelo bandla elizimele

lingazikhethela umuntu ongenza umbhapathizo.

38

D. Indlela efanele – Ukucwilsa kanye egameni likaYise

neleNdodana nelikaMoya Ongcwele.

E. Inhloso efanele - Ukufanekisa ukuthi uKristu wafa

ngenxa yezono zethu, wembelwa wavuka kwabafileyo.

Kufanekisa futhi ukuthi safa ezonweni samukela

ukuphila okusha okukuKristu uJesu.

Ukuhlanganyela emkhosini wesidlo seNkosi umuntu

kufanele abe nalokhu okulandelayo:

A. Ukuhlanganyela okufanele - abe umfundi kaKristu.

B. Igunya elifanele - UJesu Kristu. Uyala ukuba

abakholwayo badle isidlo seNkosi ukuze bakhumbule

ukufa kwakhe.

C. Ofanele ukuphatha inkonzo – ebandleni elizimele

lingazikhethela umuntu elifuna ahole inkonzo yesidlo

seNkosi. Lowo kungaba umvangeli ocabindlela noma

umholi wendawo noma ibandla lizikhethele owebandla

aphathe inxenye yenkonzo yokudumisa.

D. Inhloso efanele - ukukhumbula nokumemezela ukufa

kukaKristu aze abuye.

Ngaphezu kwakho konke ukushunyayelwa kweZwi

likaNkulunkulu. Uma umvangeli ocabindlela engajwayele

ukushumayela kufanele akhethe indawo eBhayibhelini enze

ngayo nakhu okuyisithupha okulandelayo:

A. Funda ivesi.

B. Chaza amaqiniso okomoya asevesini.

C. Chaza ukuthi iqiniso ngalinye lingasebenza kanjani

ezimpilweni zabantu abalalele.

39

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!