29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

wakubekezelela ukuhlukunyezwa wahlala esiphambanweni

kwaze kwafika lelohora elalibekiwe. Ngakho ngesikhathi Sakhe,

wawunikela uMoya Wakhe, wakhetha ukufa ngoba wayefuna

ukusihlawulela izono zethu. Lithi iBhayibheli kuJohane 3:16,

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze

wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo

nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe-nokuphila

okuphakade.”

*Esifundweni esilandelayo, sizofunda ngokuvuka kukaJesu. Ngoba

iqiniso lithi uJesu akafile, kodwa uyaphila namuhla ufuna ukungena

empilweni yakho. Ufuna ukukuhlanza, enhliziyweni yakho

nasezonweni zakho, ashintshe impilo yakho ngokupheleleyo.

286

IZINDABA EZINHLE NGOJESU

Ngu

Christy A. Brawner

“Ukuvuka kukaJesu” – Isifundo 7

ngokukaMathewu 27-28

“Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu

obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile

njengokusho kwakhe.” ngokukaMathewu 28:5-6

Ukubukeza

1. UJesu wazalwa yintombi u_____________________________.

2. UJesu waqala ukushumayela ngokusobala empakathini ngokuthi

a______________ yindoda okwakuthiwa uJohane uMbhapathizi.

3. Ekubhapathizweni Kwakhe, u___________________________

wehlela phezu kukaJesu njengejuba, izwi likaNkulunkulu

lakhuluma livela eZulwini lithi, “Lona_________ yami

ethandekayo engithokoza ngayo.” Lokhu kusikhombisa

uButhathu bunye bukaNkulunkulu: Nkulunkulu____________,

Nkulunkulu_____________, Nkulunkulu_________________.

4. UJesu waphilisa abantu abaningi wathethelela abaningi

i______________ zabo.

5. Noma sekwenzeka izimangaliso eziningi, abantu abaningi

baseGalile abamkholwanga abavumanga_________________

ezonweni zabo.

6. Lisho ukuthini igama loku “guquka?” ____________________

7. UJesu wathi iwayini limele igazi Lakhe eliyo_______________

abaningi ukuze ba____________ ezonweni zabo.

8. AbaFarisi bambamba uJesu ensimini lapho ayethandaza khona,

bamusa endlini yo________________ omkhulu ogama

linguKayafase.

9. Umpristi omkhulu wambuza uJesu ukuthi

wayeyi_______________ uJesu waphendula ukuthi uYiyo.

287

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!