29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

2. IBhayibheli yizwi likaNkulunkulu nakho konke okuphakathi

kuyiqiniso. UNkulunkulu wakhuluma ngaba profethi

eminyakeni eyizinkulungwane ngaphambili ekhuluma

ngokwakuzokwenzeka ngokuzalwa nempilo kaJesu. Konke

kwenzeka njengoba kwashiwo.

3. Konke kupethwe isandla sikaNkulunkulu. Angazenza

izimangaliso ezinkulu. Ziningi izimangaliso ezenzeka

kulendaba. Isiphi esinye sazo?

4. UNkulunkulu angakwenza futhi uyaxhumana nabantu. Abanye

bakholwa ukuthi uNkulunkulu wadala umhlaba kodwa

akanandaba ukuthi kwenzekani. UNkulunkulu waxhumana

kanjani nabantu kulendaba? UNkulunkulu usaxhumana nathi

namanje. Sizofunda kulesisifundo ukuthi nathi singaba

nobudlelwano kanjani noNkulunkulu.

5. UNkulunkulu wazi konke okuzokwenzeka kodwa kwesinye

isikhathi ekuhlakanipheni Kwakhe okukhulu, uke avumele izinto

ezibuhlungu ukuthi zenzeke. UHerode wayefuna ukubulala

iNkosi Yesethembiso ngoba wazizwa echukuluzwa nguJesu.

UNkulunkulu wayesazi isono esibi esasi senhliziyweni

kaHerode. Wayazi ukuthi uHerode wayezobulala izindimbane

zezingane ezazingenacala. Ngenxa yokungalaleli nempi

enhliziyweni yakhe kwavela umonakalo omkhulu. Nanamhlanje

kuke kwenzeke izinto ezesabekayo ngenxa yezimpi

neziphithiphithi ezinhliziyweni zethu. Ingabe unalo ulwazi

lomzekalo wento esandukwenzeka lapho okwalinyazwa omunye

ngenxa yokonakala komunye?

6. Akekho ongamelana noNkulunkulu abesephumelela. UHerode

akakwazanga ukubulala uMntwana weseThembiso. Okwafezeka

kwaba ukubhubha kwemindeni eminingi. Namuhla, ezikhathini

eziningi, sizama ukungayilaleli imiyalo kaNkulunkulu nentando

Yakhe. Lokhu kuba nesiphetho esiyingozi, uma kungesithina

kube yilabo abaphakathi kwethu abayaye balimale.

Ungasicabanga yini isikhathi empilweni yakho? Ungasicabanga

258

isikhathi lapho owalimala khona ngenxa yenxushunxushu

eyadalwa ngomunye

7. AbaPristi nabaluleki bezenkolo babazi ngokwemibhalo

maqondana neNkosi yeseThembiso, kodwa abezange

bamhlangabeze uJesu. Kuyenzeka ube yikholwa elikhulu, wazi

nangeBhayibheli, wazi kakhulu ngoJesu Kristu, kodwa ube

ungamazi yena qobo enhliziyweni yakho?

8. UJesu ungu "Nkulunkulu Unathi" noma “Emanuweli.” Ingelosi

yakhuluma lamazwi kuJosefa, abhalwa ezibhalweni

ngumprofethi u Isaya. Abantu abaningi bathi uJesu

wayengumprofethi, abanye bathi wayeyingelosi noma umuntu

olungileyo, kodwa iBhayibheli lisifundisa ukuthi,

"WayenguNkulunkulu Unathi."

Emavikini ayisithupha ezayo, sizozama ukuthola ukuthi ngubani

ngempela UJESU KRISTU nokuthi NDABANI EZINHLE aziletha

lapha emhlabeni.

259

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!