29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

9. Wayaphi uJesu uma esuka ehlane?

Esahamba ngasolwandle lwaseGalile, uJesu wafumana

abadobi ababili. Wababiza wathi, “ngilandeleni ngizonenza abadobi

babantu.” Masinyane bashiya amanetha abo bamlandela. Ngalelo

langa, uJesu wababiza abafundi bakhe abane oPetro, u Andriya,

uJakobe noJohane. Bonke babengabadobi.

UJesu walihamba lonke elase Galile ehamba efundisa kuma

sinagogi, ngevangeli lombuso, ephilisa zonke izinhlobo zezifo

ebantwini. Isixuku esikhulu samlandela lapho ayeya khona.

Owayenobu lepero weza kuJesu wafika wamkhonza. Wathi

kuJesu “Nkosi uma uthanda, ungangihlambulula” wathi uJesu,

“Ngiyafuna hlambuluka.” Masinyane umlepera wahlambululeka.

Induna yebutho yamaRoma yeza kuJesu. Lendoda

yayizocela ukuthi Ayiphilisele isisebenzi sayo esasife uhlangothi

futhi sihlukumezeka. Wayekholwa ngamandla ka Jesu okuphilisa.

UJesu wamtshela ukuthi zonke izizwe zizoza ndawonye zidle

embusweni weZulu futhi nesisebenzi saphila ngaso leso sikhathi.

Kwesinye isikhathi, ngale kolwandle, kwakunamadoda

amabili ayebuswa ngamadimoni. Lamadoda ayenamandla

asabekayo kwakungekho owayekwazi ukubabamba abacindezele

noma basondele eduze kwabo. Babehlala emangcwabeni.

Bathi uma bembona uJesu, amademoni amemeza athi,

“Sinamsebenzi muni nawe-Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha

ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi-yiso isikhathi, na?”

Kudanyana kwakunomhlambi wezingulube. Amadimoni

amncenga uJesu ethi “Uma usikhipha sivumele siyongena

ezingulubeni.” UJesu wathi “hambani.” Masinyane aphuma

amadimoni ebantwini angena ezingulubeni. Izingulube

zagulugudela eweni zagijima zayoziphonsa olwandle zaminza.

Abelusi bagijima bayobikela izakhamizi ukuthi uJesu

wenzeni, nangabantu ababe buswa amademoni abaphilisileyo. Beza

abantu bendawo bacela uJesu ukuthi akahambe endaweni yabo.

Wahamba ngesikebhe eya ezweni lakubo. Ngemva

kwalokho wabonana noMatewu. UMatewu wayesebenzela

266

uhulumeni eqoqa intela. UJesu wathi kuye, “Ngilandele.” UMatewu

wasukuma wamlandela.

Ngakhoke uJesu nabalandeli bakhe bahamba bayokudla

ngalobobusuku kwamthelisi nabanye abantu ababengathandeki

emphakathini. Abaholi bezenkolo abaFarisi bekubona lokhu bathi

kubafundi bakaJesu, “Kungani uMfundisi wenu edla nezoni

nabathelisi na?”

Ekuzwa lokhu uJesu waphendula wathi, “Abaphilileyo

abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kepha hambani nifunde

ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hayi umhlatshelo.’

Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni

ukubaziphenduke.”

Imibuzo

1. Wawuyini umsebenzi wabafundi bokuqala bakaJesu?

2. Benzenjani uma uJesu ethi kubo abamlandele?

3. UJesu wazihamba zonke izindawo zase Galile nabaningi

bemlandela. Yini eyenza bambunganyele kanjena?

4. Yikuphi ukuphilisa okokuqala okubhalwe encwadini kaMatewu?

5. Yini eyayiphethe isisebenzi senduna yamaRoma?

6. Babehlala kuphi abakhwelwe ngamadimoni? Kwakunhloboni

yabantu?

7. Enze njani amadimoni uma ebona uJesu?

8. Enze njani amadimoni esephumile emadodeni?

9. Kwenzekani emadodeni?

10. Benzenjani abanikazi bezingulube?

11. Wayengumuntu onjani uMatewu?

12. UJesu wadla ukudla nabantu abanjani?

13. Bacabangani abaFarisi ngalokhu?

14. UJesu waphendula wathini kubaFarisi?

267

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!