29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

wagwetshwelwa ukufa esiphambanweni ukuba akhokhe

inhlawulo yesono endaweni yethu.

Ukufa kuka Jesu kwakuyiwona umnikelo owanele ukukhulula

umuntu ecaleni lesono. Abantu abaningi bazama ukufinyelela

kuNkulunkulu ngezindlela ezehlukene: bethembele empilweni

yabo enhle noma imisebenzi yabo emihle noma bazama

ukufinyelela ngabangcwele, ngezithombe ngemifanekiso,

ngemimoya noma ukudalwa kabusha.

Imizamo yomuntu ayinamandla okumhlambulula ezonweni

zakhe. Indlela okukuphela kwayo engakha ubuhlobo phakathi

komuntu noNkulunkulu ingoJesu. Emva kokufa kukaJesu

ngenxa yezono zethu, wavuka kwabafileyo wahlula ukufa.

Uyaphila ufuna ukuhlala enhliziyweni yakho. Uyakholwa ukuthi

uJesu Kristu nguyena kuphela iNkosi yakho, noMsindisi

noMlamleli na?

4. Impendulo yakho

IBhayibheli kwabaseRoma 10:9 lithi, “Ngokuba uma uvuma

ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi ukholwa enhliziyweni

yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo

uyakusindiswa.” Inhloso yalelivesi ukukhombisa ukuthi

ukwamukela uJesu umelwe ukwenza izinto ezimbili:

a) Okokuqala, ukwamukela uJesu kumelwe umvume uKristu

abe yiNkosi yakho yena yedwa. Kumelwe ushiye izono

zakho uphenduke ulandele uJesu. Lokhu kusho ukuguqulwa

kokuphathwa kwempilo yakho iphathwe nguKristu. Lokhuke

ukuphenduka.

b) Okwesibili, ukwamukela uJesu kumelwe ukholwe

enhliziyweni yakho ukuthi uKristu wavuka kwabafileyo

nguyena yedwa uMsindisi wakho. Lokhu kusho ukuthi

kumelwe uyeke ukubeka ukholo lwakho kwezinye izinto

njengokulunga kwakho kwemvelo, nemisebenzi emihle,

78

nezithombe nemifanekiso, nabangcwele, noma nokudalwa

kwemizimba emisha ubeke ithemba lakho kuJesu Kristu abe

nguMsindisi wakho yena yedwa.

Usulungele ukuyeka ukubeka ithemba lakho kwezinye izinto

unikele impilo yakho kuKristu khona manje abe yiNkosi

noMsindisi wakho yena yedwa? IBhayibheli kwabaseRoma

10:13 lithi, “Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi

bayakusindiswa.” Inhloso yalelivesi ukukhombisa ukuthi noma

ngubani oyakubiza igama likaJesu uyakusindiswa. Lokhu kusho

ukuthi ungamamukela uJesu enhliziyweni yakho khona manje

ngokukholwa.

Ulungele ukunikela impiloyakho kuJesu umcele angene

empilweni yakho khona manje? Uma ulungele yisho

lomthandazo ngenhliziyo yakho yonke kuNkulunkulu.

“Nkosi ngiyisoni. Ngiyakwethemba Nkosi ukuba ube yiNkosi

noMsindisi noMlamuleli wami wena wedwa. Ngikunika impilo

yami ungisindise. Ngiguqule ngiphathele impilo yami

ngokupheleleyo. Amen.”

Uyakholwa ukuthi uJesu uwuphendulile umkhuleko wakho?

Ukuphi uJesu manje? Ususindisiwe?

VI. Umvangeli Ocabindlela Nokuthi Zingaholwa Kanjani

Izifundo ZeBhayibheli Zasemakhaya Zingekho

Izincwadi Zokufundisa

Ngu: Thomas Wade Akins

Ukhiye ekuholeni izwi likaNkulunkulu nguMoya oNgcwele.

NgokukaJohane 16:13-14 uJesu wathi, “Kepha nxa esefikile

yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso,

ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho

akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.

Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami

79

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!