29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

UMVANGELI OCABINDLELA

NOKUSETSHENZISWA KOKUHLOLA INDAWO

Brazilian World Mission Board

Uhlelo-luhlu Lokuvangela Okucabindlela

160

UMVANGELI OCABINDLELA NOKUSETSHENZISWA

KOKUHLOLA INDAWO

Ibhodi Yemishani YaseBrazil yenze incwadi yezithunywa yakha

uhlaka lwesifundo sokuhlola indawo kanje:

1. Inhloso yokuhlola indawo

2. Kulungiselwa kanjani ukuyohlola indawo

3. Lwenziwa kanjani uhambo lokuyohlola indawo

4. Kukalwa kanjani ukuhlola indawo

1. Inhloso yokuhlola indawo

Ukuhlola indawo yindlela yokuthola ulwazi olupheleleyo,

ngokuvakashela indlu ngendlu, abantu abahlala kuleyondawo ethile

ngesikhathi leso esithile.

Inhloso yokuqala ukuthola ukuthi bahlala kuyiphi indawo

lababantu ababhekwayo abalomele ivangeli.

Inhloso yesibili ukufumana amaphuzu asekelayo imisebenzi

ezokwenziwa. Lokhu kusho ukuthola izindawo ezingcono zokuqala

imisebenzi emisha enjengalena: ukufunda iBhayibheli emakhaya,

ukufunda iBhayibheli ngezikhathi zokuvalwa kwezikole nokunye.

Ungakwazi ukuthatha namanye amathuba njengalana: ukuthola

amaKristu aselishiyile ibandla angasenandaba nalo ukuze abuye noma

amaKristu asandakufika angenalo ibandla lasekhaya kuleyondawo.

Lezizindawo nalababantu babizwa ngokuthi abasekeli ngoba bangasiza

ekuqaleni imisebenzi emisha.

Inhloso yesithathu ukuhlangana nabantu endaweni yabo.

Ngaloluhlelo kungenzeka ukuba ziqondakale kangcono izidingo zabantu,

zomphakathi namasiko abazungezile nengqikithi yabo ukuze bahlelelwe

ngezidingo zabantu.

Inhloso yesine ukujwayela indawo nokudala ubuhlobo nabantu.

Emveni kwesikhathi lokhu kuyosiza ekuqhubeni umsebenzi.

Inhloso yesihlanu ukuthola amaqembu ezenkolo akhona

endaweni leyo.

161

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!