29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

(uJeremiya 15:16) “Kepha ukuthokoza kwakhe kusemthethweni

kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.”

(AmaHubo 1:2) Imibuzo okumelwe ibuzwe lapho kuhlolwa

iZwi likaNkulunkulu.

� Yisiphi isifundo esibaluleke kakhulu?

� Lendinyana ithini ngoNkulunkulu…ngoJesu?

� Lesisahluko siyanginika yini:

-okufanele ngikwazi

-okufanele ngikuguqule

-okufanele ngikwenze

-okufanele ngikuqale

UMFANEKISO WESANDLA

A. LALELA B. FUNDA C. HLOLA

D. FUNDA NGEKHANDA E. ZINDLA

“Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele

ukufundisa, nokusola nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze

umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi

emihle.” (2 kuThimothewu 3:16-17)

206

SENZIWA KANJANI ISIKHATHI SOKUBA WEDWA

NONKULUNKULU - Isigaba 1

Uqeqesho Lokwenza Abafundi Bendawo Abaholi - Isifundo 4

Thomas Wade Akins

ISINGENISO

Akunakwenzeka ukuba ube ngumfundi kaJesu Kristu

ngaphandle kokuba ube ngumuntu womkhuleko. Kumele ukwenze

kube yinto ephambili ukuba nesikhathi noNkulunkullu uwedwa.

Uma kungenjalo ngeke umazi uNkulunkulu ngendlela ejulile, ngeke

uhlale ezindleleni zakhe, nokuveza izithelo ngeke kwenzeke.

Uyazi ukuthi ungubani ngempela wena? Uluhlobo

lomuntu oluphila ngokwejwayelekile uma kungekho muntu

okubhekileyo? Ungubani enyameni? Cabanga! Lowamuntu

unguwe ngempela! Ngakho-ke esikhathini sokuba wedwa

noNkulunkulu akukho muntu okubhekile ngaphandle

kukaNkulunkulu.

Ake sibuke izinhlangothi eziyisishiyagalombili zomthandazo

ongazisebenzisa esikhathini sokuba wedwa noNkulunkulu.

INDUMISO

IBhayibheli kumaHubo 48:1, “Mkhulu UJehova, udunyiswa

kakhulu.” KumaHubo 34:1-3 kuthi, “Ngiyambonga uJehova

ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni

wami njalonjalo. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;

abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. Mtuseni uJehova kanye

nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.”

Siyayidumisa iNkosi ngesikhathi sokukhonza ngamasonto.

Kepha, uyamkhonza uNkulunkulu lapho uwedwa naye kusukela

ngoMsombuluko kuya eMgqibelweni? IBhayibheli kumaHubo 22:3

lithi, “Kepha wena ungoNgcwele ohlezi ezibongweni zikaIsrael.”

Yini ukukhonza? Ukukhonza ukudumisa uNkulunkulu

ngalokho ayikho. Ukumbonga ngalokho asenzele khona.

Ukukhonza ukumdumisa uNkulunkulu ngesimilo sakhe

uNkulunkulu nobunjalo bakhe.

207

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!