29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kodwa kothi, ngelinye ilanga, njengombani uqhamuka

empumalanga ushona entshonalanga, kuyoba njalo ukuza

kweNdodana yoMuntu. Ngemva kwezinhlupheko, ilanga lofiphala,

inyanga ingakhanyi, izinkanyezi ziqathake esibhakabhakeni,

amandla eZulu ashukunyiswe. BESE isibonakaliso seNdodana

yoMuntu sivele eZulwini, BESEKE zonke izizwe zikhala, bayibone

iNdodana yoMuntu iza ngamafu eZulu ngamandla nangenkazimulo

enkulu. Uzothumela izingelosi Zakhe ngokukhala okukhulu

kwecilongo, babuthele ndawonye bonke abantu abanikela

ngezimpilo zabo kuJesu Kristu. Bonke laba bayobuthwa kuyo

yomine imimoya, ukusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuya

kwelinye.

Ukuthi lokhu kuyokwenzeka nini, akekho owaziyo. Ngisho

nezingelosi ezulwini azazi ukuthi uJesu uyoza nini emhlabeni.

Akekho owaziyo ukuthi uJesu Kristu uyobuya nini nguBaba

kuphela.

“Ngakho-ke, nawe zilungiselele, ngoba iNdodana yoMuntu

izofika ngesikhathi ongasilindele.”

Imibuzo

1. Wazalelwa kuliphi izwe uJesu?

2. Abazali bakaJesu basemhlabeni kwakungobani?

3. Yini eyaba yisimanga sokuza kukaJesu kokuqala emhlabeni?

4. Umprofethi uIsaya wathi uJesu wayezozalwa yintombi abizwe

ngokuthi ngu Emanuweli, okusho ukuthi “____________

5. Ngesikhathi uJesu enabafundi entabeni yeMihlwathi, bambuza

mbuzo muni?

6. UJesu wathi baqaphele bangakhohliswa ngobani?

7. Wathi abaningi bazofika bathi bangubani?

8. UJesu wabala izinto ezine ezazizokwenzeka emhlabeni wonke

ngaphambi kokubuya kwakhe. Yiziphi lezizinto?

Iz___________, In_____________, Iz____________,

uku___________.

296

9. UJesu wathi abalandeli bakhe bayohlukunyezwa ngoba

bekholwa uKristu. Yiziphi ezinye izinto uJesu athi abantu

bazozenza kwabanye?

10. UJesu wathi nhloboni yezinto ezazizokwenziwa ngabaprofethi

bamanga zamandla ukuze kucishe kulingeke ngisho nabalandeli

bakaJesu?

11. UJesu wathi ukubuya kwakhe kuyofana nani emkhathini?

12. Kokwenzekani elangeni, enyangeni, nezinkanyezi uma uJesu

esebuya futhi?

13. Bayobe bekhalisani labo abayizingelosi uma beqoqa abalandeli

bakaKristu?

14. Bayohlanganaphi abantu bakaNkulunkulu?

15. Ngubani okungukuphela kwakhe owaziyo ukuthi uJesu uzobuya

nini?

16. Kudingeka mina ngenzenjani, uma umuntu enza izimanga

ezingekho egameni likaJesu, ebe ethi ngezikaKristu?

Amaqiniso kaMoya – Isifundo 1

ngokukaMathewu 1, 24

1. Njengoba uJesu wafika okokuqala ezogcwalisa iziprofetho,

Uzobuya futhi ngamandla nangenkazimulo. Ziningi izinkoloze,

nabaprofethi bamanga, nabantu abaningi abathi

banguNkulunkulu. Uma esebuya futhi uJesu akekho ozongabaza

ngokuthi Ungubani. Lithi, iBhayibheli onke amadolo azoguqa

nezilimi zonke zizovuma ukuthi uJesu uyiNkosi. Noma ngubani

oza kithi athi ungumprofethi omusha, noma unkulunkulu

ungumqambimanga.

2. Uyakubaqoqa abantu bakhe kusuka ekuqaleni kwezulu kuze

kube sekupheleni kwalo.

� UJesu wathembisa ukuza ngempela wafika. Uyethembisa

ukuza futhi, ngempela uyoza. Uthembisa ukubaqoqa bonke

abalandeli bakhe, ngempela uyokwenza.

� Uma simcela uJesu ukuthi angene ezimpilweni zethu, uma

simnika izinhliziyo zethu, Uyasethembisa ukuthi ngeke

asilahle ngeke asishiye. Lokhu kusho ukuthi noma siyona

297

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!