29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

(Ukuthatha iminyaka engu 7 ukwakha ibandla elisha

ngalendlela.)

2. Intela yendlu yomfundisi ______ x 12 wezinyanga _____ x 7

weminyaka =___________

3. Impahla_______________

4. Indlu_________________

Hlanganisa konke lokhu ubone ukuthi ibandla lakho

lingawuqala umsebenzi omusha usebenzisa isibonelo

sawokhokho.

Asinakho ukuzikhethela okunye kodwa ukuya

eBhayibhelini sibuke ukuthi uJesu wathini nokuthi uPawulu

wenzani. Umphostoli uPawulu waqala imisebenzi emisha

emakhaya, ezikoleni nasezindaweni ezisobala zomphakathi,

esebenzisa abantu-nje abangesibo abafundisi. Uhlelo

lukaNkulunkulu lolu lokuzuzela umhlaba kuKristu.

3. Ibandla elizandisa lona phansi kokuhola

kukaNkulunkulu.

Ibandla leTestamente Elisha liyazandisa. Ngemvelo yalo

kwakufanele impilo yalo liyichathazelane nabanye. Loluhlobo

lwebandla linokuvangela nesifiso sokuqala amabandla amasha.

Sikulelizwe elandelwa ngabantu abanhlobonhlobo

ngesivinini esinjengokuqhuma. Kufanele sakhe amabandla

eTestamente Elisha ayoqala amanye amabandla nawo. Yilelo

nalelobandla eliqalwe ngenqubo yeTestamente Elisha nalo

liyobona isidingo sokuveza izithelo ngokushesha kunebandla

elakhiwe ngezinye izindlela. Ngakho-ke kungumsebenzi

umvangeli ocabindlela ukuthi uma akha ibandla enze ibandla

leTestamente Elisha.

Yilelo nalelobandla kufanele libe nomthwalo wesifunda

salo. Kufanele licele omunye walo okwelinye idolobha ukuba

avule indlu yakhe kukhonzelwe kuyo izinyanga eziyisithupha.

48

Ngemuva kwalesisikhathi kuqalwe ukuba kusungulwe elinye

ibandla. Ngamanye amazwi, ibandla elisha kufanele libe yibanga

elingahanjwa ngezinyawo ukuqhelelana kwalo kwelinye

emhlabeni wonke. Lelo nalelobandla kufanele libe nomholi

kanye nomqalisi wemisebenzi emisha wokulinakekela.

Umvangeli ocabindlela ukuqeqesha abaholi bamabandla

kulesisikhathi. Okunye ukusebenzisana ukuze kube khona isonto

kubantu aba-1,000 kulezizindawo ezinabantu abaningi.

Ekuqaleni umvangeli ocabindlela kade engumvangeli.

Uzuza imiphefumulo bese efundisa abasandakukholwa.

Isinyathelo esilandelayo ukukhulisa abaholi bendawo, eshiya

umsebenzi ezandlani zabo ukuze baqale umsebenzi omusha

endaweni entsha komakhelwane noma kwelinye idolobha.

Umvangeli kufanele aqhubeke ukuqeqesha abaholi bendawo

nokuhlanganisa amaqembu ehlukene awenze amabandla. Bese

eshiya umsebenzi ezandlani zabaholi bendawo ade ebavakashela

ukubasiza nokubakhuthaza.

Umsebenzi womvangeli ocabindlela ukuqeqesha lelo

naleloqembu ukuba lizihlanganise lizenze ibandla elisha nokuba

aqeqeshe abaholi abasha bavule omunye umsebenzi ngokushesha

kwenye indawo. Lelibandla elisha -ke liyobe liyazandisa.

Amanothi:___________________________________________

ISIGCINO:

Umvangeli ocabindlela uma efuna ukuphumelela kufanele enze

lokhu okulandelayo:

49

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!