29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngomhlangano olandelayo uyophatha izincwajana iVangeli

likaJohane lalowo nalowo eqenjini. Loluhlu kufanele

lufakwe ebhukwini lakho lomthandazo “wemihla

ngemihla”.

E. Umvangeli ocabindlela kufanele ethule amakhorasi ambalwa

ababuze ukuthi bayafuna yini ukuwafunda. Lidedele iqembu.

Lizikhethele. Uma bekhetha ukucula amaculo bafundise

ikhorasi elilodwa noma amabili amahle.

F. Umvangeli ocabindlela kufanele akhethe elilodwa

lamakhorasi libe yisiqubulo.

G. Umvangeli anikeze yilowo nalowo ipheshana elithi

“UKUPHILA OKUPHAKADE KUTHOLAKALA

KANJANI,” noma yiliphi elinye iphepha elivangelayo.

Lokhu baya ukuyozifundela emakhaya.

H. Umhlangano kumelwe uthathe ihora elilodwa emva

kwalokho kungaba ngcono ushiye uye kwenye indawo.

2. Umhlangano Wesibili

A. Umvangeli kufanele eze nalokhu okulandelayo:

a. IBhayibheli

b. Izincwadi iVangeli ngokukaJohane (thatha isibalo

ocabanga ukuthi uyosidinga).

c. “IVangeli NgokukaJohane Izifundo ZeBhayibheli”

d. Iphepha elinamaculo

e. Iphepha lokuvangela “UKUPHILA OKUPHAKADE

KUTHOLAKALA KANJANI,” noma yiliphi elinye

ipheshana lokuvangela.

Uma unabantu abangamashumi amabili kuya

kwabangamashumi ayisihlanu emhlanganweni wesibili kungahle

kulindeleke inxenye yalesisibalo iqhubeke kuze kube sekupheleni.

Uma izifundo eziyisikhombisa zeVangeli ngokukaJohane zifundwa

ngabantu abangamashumi amabili, lababantu benele ukuba baqale

ibandla.

Umhlangano wesibili uyodinga ukubekezela okukhulu

kumvangeli kuneminye imihlangano. Ukubekezela okukhulu

kuyadingeka ngalabo abangazi lutho ngeBhayibheli. Umvangeli

102

kumelwe akhombise lowo nalowomuntu weqembu akwazi

ukuvula izahluko namavesi eBhayibhelini.

B. Indlela Yohlelo

a. Hlabelelani amaculo amathathu

b. Hlabelelani iculo eliyisiqubulo

c. Qoqa amaphepha amaculo.

d. Nikeza wonke umuntu isifundo seVangeli

ngokukaJohane. (nikeza isifundo

sokuqala)

e. Nikeza incwajana iVangeli likaJohane.

f. Hlolani isifundo nisebenzise indlela engaqondile.

g. Ekugcineni buza umbuzo, “kukhona onombuzo?” Uma

kungekho mbuzo vala

umhlangano ngomkhuleko.

3. Umhlangano Wesikhombisa

Izifundo IZINDABA EZINHLE zibonisa abantu ukuthi

ungaba nakho kanjani

ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu. Ngemuva kwamaviki

ayisithupha lezizifundo ziqaliwe abantu abaningi bazobe sebelungele

ukunikela ngezimpilo zabo kuKristu. Khona-ke esinye isigaba

sokuqhubekela phambili sesingaqala.

Ekupheleni kwesifundo, umvangeli kufanele anikeze abantu

iphepha elithi “UKUPHILA OKUPHAKADE KUTHOLAKALA

KANJANI” akuchaze lokho ngokucacile. Kulelizinga usengenza

isimemo esiqondile achaze ukuthi wonke umuntu kumelwe amukele

uJesu ukuba abe yiNkosi noMsindisi wakhe. Umvangeli kufanele

akhuleke nalabo abavumayo ukwamukela uJesu.

4. Umhlangano Wesishiyagalombili

Leliviki lingelinye lamaviki ezinqumo ezinkulu. Isifundo

esigcinile kade kuyisifundo ebesesiqoqa konke ekade sekufundiwe.

Kulesisikhathi abanye sebemamukele uJesu. sebesindisiwe.

103

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!