29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2. Izenzo 17:5,6 endlini kaJasoni eThesalonika

3. Izenzo 18:7 endlini kaThithiyu Justu eKorinte

4. Izenzo 19:9 esikoleni sikaTiramu e-Efesu

5. Izenzo 20:20 UPawulu wafundisa obala, nakuyo

indlu ngendlu.

UPawulu washumayela eThesalonika amaviki ambalwa,

washiya ibandla elabe selakhiwe walishiya ezandleni zabantu

baseThesalonika.

E-Efesu wahlala iminyaka emibili efundisa esikoleni

sikaTiranu (Izenzo 19:9). Kwaba yini imiphumela? Bonke

abantu balesisifunda sase Asia bezwa izwi likaNkulunkulu

(Izenzo 19:10, 20). Lokhu uPawulu akakwenzanga yedwa!

Wayehlala njalo enza abafundi ukuze bafeze okushiwo yizwi

leNkosi. 2 kuThimothewu 2:2 kuthi, “Lokho okwenzileyo kimi

phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu

abathembekileyo abazakuba-namandla okufundisa nabanye.”

Lelivesi likubeka ngokusobala okuyimfihlakalo yempumelelo

kaPawulu. Wawenza umyalo kaJesu wokuthi sihambe “senze

abafundi.”

Kulomphakathi wethu wamanje, ikakhulukazi

emadolobheni amakhulu, kudingekile ukuba kugcizelelwe

ukubaluleka kokuqala amasonto emakhaya ngenxa yokubiza

kwezinto. Yonke indawo amaKristu azizwela isidingo

sokuhlangana adumise, abe nobudlelwano omunye nomunye.

Lokhu-ke akudingi indlu noma indawo yokukhonzela, ekuqaleni

ikakhulu. Ngokusebenzisa amakhaya ibandla lingakhula

ngaphandle komthwalo ukuqhasha nokuthengwa kwendlu.

Inkinga evama ukutholakala ekuqhasheni nasekuthengeni

kakhulu ukubiza kwezinto. Emadolobheni amancane izindawo

zokuhlangana zingatholakala ngenani eliphansi. Kepha

kwamakhulu akuvami ukuba njalo. Ngenxa yalesisizathu kuhle

ukusebenzisa amakhaya, indawo yangemuva kwezindlu noma

yiziphi-ke ezinye izindawo uma kusaqalwa ibandla.

34

Ngokubona okwenzekile phambilini abaphendukile

bayanda lapho ibandla lihlangana endaweni lapho abantu

bengahlanganyela ngaphandle kokuzizwela ubulukhuni

bengasatshiswa lutho. Kubalulekile futhi ukunaka ukuthi

ukusebenzisa lendlela kulula ukungena komakhelwane

nasemadolobheni. Inkinga enkulu emabandleni ahlangana

emakhaya ukuthi kungase kuhumusheke ngenye indlela, kube

sengathi ukuhlangana nje kwesikhashana. Kodwa iqembu elisha

lingasebenzisa lendlela okwesikhashana ukonga imali

yokuqhasha ehholo noma yokuthenga indawo yokwakha.

Umgomo wethu ukulungisa imisebenzi emisha ngezimali

zabo ngaphandle kokufuna usizo lwangaphandle.

7. Ukwenza inkonzo ejabulisayo lapho amakholwa

ezothokoza khona.

Uma singena phambi kukaNkulunkulu sisondela kakhulu

kuye ngenhliziyo eqinisileyo. NgokukaMathewu 6:9-13,

uNkulunkulu usifundisa ukuba singene emagcekeni akhe

ngendumiso ngakho-ke ukudumisa ubukhulu nobuhle bakhe

uNkulunkulu. Sibuka ubunjalo bakhe uNkulunkulu ukuthi

ungubani (ukubonga kuyimpendulo kulokho asenzele khona.)

Ubuphakade, unamandla onke, usezindaweni zonke, unokwazi

konke. UnguMninimandla (El-Shaddai). UnguNkulunkulu

onakekelanayo (uJehova Jire). UyiNkosi ephilisayo (uJehova

Rophe).

Kukhona okunye okuningi ayikho uNkulunkulu.

Ukumdumisa kusho lokho ayikho uNkulunkulu. Yinto evela

enhliziyweni yomuntu lena angayiveza ngezindlela ezinimgi

ezehlukeneyo.

8. Ukungathwesi abantu umthwalo "wempahla"

Kungcono ukuba kuqale kwakheke iqembu lamaKristu

eliqinile andukuba kukhulunywe ngezindaba zeholo nempahla

yomshumayeli nesivumelwano sokwakha indawo yokukhonzela.

35

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!