29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Nansi indlela elula ongayilandela:

1. Qala isikhathi sakho wedwa noBaba umtshela ukuthi umthanda

kangakanani, umdumise ngazo zonke izimangaliso ayizo.

2. Mbonge ngezinto akwenzele zona empilweni yakho,

nezimpendulo zomkhuleko.

*Kungakuhle uma unganendawo encwadini yakho lapho uzobhala

indawo “Yokubonga” ubhale lezozinto uNkulunkulu azenzayo

empilweni yakho, ubhale nosuku. Ngalokho unakho ukugcina izinto

uNKulunkulu akwenzela zona empilweni yakho.

3. Thandazela abanye: abantu onabo esifundweni seBhayibheli,

umndeni wakho, abangane bakho, ikakhulukazi labo

abangakamazi uKristu, nezidingo eziphuthumayo. Uma

unabantu abaningi ozobacelela, kodingeka wenze iphepha

nosuku lweviki ulihlukanise.

kanje:

uMsombuluko uLwesibili

umama omncane ugogo

umalume Sipho umama

uThandiwe ubaba

uVusi umfundisi Gwala

*Kungasiza uma lokhu ningakwenza manje njengoba nise

ndawonye. Ukuze wonke aqale esakhe isikhathi somthandazo

engadingi ukwenza senahlukene.

4. Funda ucabangisise ngeZwi likaNkulunkulu. IBhayibheli

lisifundisa ukuthi akufuneki sifunde iBhayibheli njengoba sisuke

sifunda ezinye izincwadi, kodwa kufuneka sizindle ngalo. Lokhu

kusho ukuthi:

♦ Lifunde ungasheshi.

310

♦ Lifunde uliphindaphinda uzindla ngokushiwo ngamazwi

kungathatha isikhashana ngaphambi kokuthi sizwe ukuthi

uNkulunkulu uthini.

♦ Faka igama lakho eqinisweni leZwi ngendlela elisho ngayo.

Kanje, uma ivesi lithi, “Hlonipha uyihlo nonyoko.” Kuwe

lithi, “Christy, hlonipha uyihlo nonyoko”.

♦ Lithandazele lelizwi liphindisele kuBaba uNkulunkulu

umbonge ngezibusiso zakhe bese umcela ngezidingo onazo.

Kanje, ngiyabonga Baba wami oseZulwini ohlangabezana

nezidingo zami wena olapha noma ubaba wami osemhlabeni

engekho.”

IBhayibheli linamaqiniso kamoya amaningi lawa uBaba

uNkulunkulu afuna ukusinikeza wona ezimpilweni zethu manje.

Nasi esinye isibonelo sokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu.

*Ake siqale ngesahluko esiqale ngaso esandulela esanamuhla

Mathewu 5. Asime bese kuthi lowo nalowo abenesikhathi sokufunda

amavesi amathathu okuqala noma amane. Uma Kukhona ongakwazi

ukufunda, oholayo kufuneka awafunde lamavesi awaphinde

engachazi lutho.

*Ake manje sizameni ukuqonda incazelo yalamavesi uma

kungenzeka asifakeni amagama ethu kuwo amavesi. Ungesabi

ukuvumela uMoya kaNkulunkulu ukuthi akhulume kuwe. Nasi

isibonelo, akusiyo lena kuphela indlela engasebenza empilweni

yomuntu. Lamazwi engiwabhalayo iNkosi yawakhuluma kimi

ngisafunda lamavesi.

IVesi 3: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu

ungowabo.”

(Isibonelo sombhali “amaqiniso kaMoya”) Vs. 3 Ngibusisiwe uma

ngimpofu emoyeni, ngoba umbuso wezulu ungowami. Nkosi;

ngisize ngibe mpofu emoyeni. Angifuni ukuba yisiqhwaga,

ukukhukhumala, noma ngigcwale owami umoya. Ngiyabonga

Nkosi, ngomsebenzi ongenzela wona empilweni yami. Ngiyabonga,

311

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!