29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ngalesosikhathi abantu beza kuJesu ba____________ abusweni

Bakhe, ba__________ bamshaya nge_____________ ezandleni

zabo.

10. Sekusile abaFarisi bamusa kuMbusi wamaRoma ogama

lingu_______________.

11. Upilatu akamtholanga enecala uJesu, kodwa wavumela ukuba

abethelwe ngoba wayesaba_______________ ebantwini.

12. Amasotsha amaRoma amhlukume za uJesu. Bamethwesa

umqhele____________ ekhanda Lakhe. Bamshaya ikanda

Lakhe ngo_____________ ababemnike ukuthi aliphathe.

13. Esiphambanweni lapho ayelenga khona uJesu, kwakubhalwe

ukuthi “Lona uJesu _____________ yama Juda.”

14. Kusuka ngehora lesithupha kuya kwelesishiyagalolunye kwaba

___________ezweni.

Kwakunendoda eyayi cebile eyayi nguJosefa wase Arimathiya

owayengumlandeli kaJesu. Lendoda yacela kuPilatu ukuthi angeyi

vumele yini ukuthi ithathe isidumbu sikaJesu isibeke ethuneni layo.

UPilatu wavuma, uJesu walaliswa ethuneni elisha. Esemlalisile

bavala ngetshe elikhulu emnyango wethuna.

Ngosuku olulandelayo abaFarisi babuthana baya kuPilatu

ngoba bekhumbula amazwi ashiwo nguJesu ukuthi wayezovuka

ngosuku lwesithathu. Bacela uPilatu ukuthi avikele ithuna kuze

kube usuku lwesithathu ngoba kungahle kwenzeke umgunyathi

othile ngomzimba. Wabavumela uPilatu ukuthi mabenze ngokubona

kwabo. Baya babeka abaqaphi bavikela ithuna balilinda.

Ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena nomunye

uMariya baya ethuneni likaJesu. Bafika khona kwase kuba khona

ukuzama zama komhlaba itshe elalivale ithuna lalisusiwe ingelosi

yeNkosi ihlezi phezu kwalo. Ababeqaphile bathuthumela

ngokwesaba ngokungathi baqulekile.

Ingelosi yakhuluma nabo yathi, “ningesabi ngiyazi ukuthi

nifuna uJesu obebethelwe. Akekho lapha; uvukile, njengokusho

kwakhe. Wozani nizobona lapho iNkosi ibilele khona. Nihambe

masinyane niyotshela abafundi Bakhe ukuthi uvukile kwaba fileyo,

uyahamba phambi kwenu uya eGalile, lapho nizokumbona. Bhekani

senginitshelile.”

288

Agijimela ngaphandle kwethuna amakhosikazi ngokwesaba

nangokujabula bephuthuma ukuyotshela abafundi ukuthi

kwenzekeni. Besa yofuna abafundi, uJesu wabahlanga beza wathi,

“thokozani” bama bambamba izinyawo bamdumisa. Wathi

abayotshela abafundi Bakhe ukuthi bayohlangana eGalile.

Abaqaphi bethuna bengena emizini batshela abaFarisi

ngakho konke okwenzekile ethuneni. AbaFarisi benza uzungu

lokuthi abaqaphi mabanikwe imali yokuthi bahambe beqamba

amanga bethi kwathi besalele, abafundi bakaJesu bafika bamkhipha

ethuneni. Baze bathi uma kwenzeka kufika ezindlebeni zikaPilatu

ukuthi balala bona bazobalwela babavikele. Abaqaphi bakuthatha

abafumbathiswa khona baqala ukusabalalisa lamanga kwaze kwaba

yiminyakana beyenza lento.

Abafundi abayishuminanye abasalayo baya eGalile entabeni

lapho uJesu athi bayohlangana khona. Bathi ukumbona bonke

bamkhonza. Kodwa kwabakhona abamngabazayo.

Wakhuluma kubo okokugcina uJesu ethi, “Ngiphiwe

amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze

izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise

neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, Nibafundise ukugcina konke

enginiyale ngako; bhekani mina nginani izinsuku zonke kuze kubesekupheleni

kwezwe.” Amen.

Imibuzo

1. Yini eyacelwa uJosefa wase Arimathiya kuPilatu?

2. AbaFarisi babenovalo ukuthi kukhona lokhu

okwakuzokwenzeka emzimbeni kaJesu ngosuku lwesithathu.

Ngani?

3. Obani abayobona uJesu ngosuku lokuqala, yini abayificayo uma

befika ethuneni?

4. Uma sebegijima beyotshela abafundi ngabakuthole emathuneni

bahlangana nobani?

5. UJesu wathi kubafundi bakhe maba hlangane endaweni ethile

hayi eJerusalem. Kwakukuphi?

6. Entabeni, uJesu waba nomlayezo obalulekile awunika abafundi

bakhe, gcwalisa kumazwi ayeshiwo nguJesu, hambani

289

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!