29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

kuzelwe iNkosi yesethembiso kwelakwaJuda baze babuza ukuthi

iNkosi entsha izalelwephi.

UHerode wakhathazeka, waze wabiza inguyazana

yomhlangano nabo bonke abaluleki bezenkolo kanye nabapristi.

Wawabuza lamadoda ukuthi ngokusho kwemibhalo

yayizozalelwaphi iNkosi yesethembiso. Abapristi bathi

ngokwemibhalo yayizozalelwa eBethlehema. UHerode waya kuzo

izazi wazibuza ukuthi zaqala nini ukuyibona inkanyezi. Wabuza

lokhu ngoba efuna ukuthola kahle ukuthi umntwana wazalwa nini

ukuze athole ubudala bayo.

UHerode wazitshela izazi ukuthi umntwana

wayezozalelwaphi. Waphinda wathi, "Hambani nibuzisise

ngomntwana; kuyakuthi nxa nifumene, ningitshele ukuba nami ngiye

ngikhuleke kuye.”

Zahamba-ke izazi zaqhubeka ukuyilandela inkanyezi

eBethlehema. Inkanyezi ababeyilandela, yema phezu kwendlu

lapho uMntwana ayezalelwe khona. Bangena endlini, lapho bebona

umtwana nonina uMariya, bawa pansi, bakhuleka kuye. Bamupha

nezipho ezingamagugu igolide nemure nenhlaka.

Baphindela emuva kwelakubo eMpumalanga.

Bengakahambi baphupha betshelwa ukuthi bangabe besabuyela

kuHerode ukuyomtshela ngoMntwana. Baphindela emuva ngenye

indlela.

Sebehambile, uJosefa waba nelinye iphupho. Watshelwa

nguNkulumkulu ukuthi uHerod wayefuna ukubulala uMntwana

ngakho mababalekele eGibhithe. Ngalobo busuku wawuvusa

umndeni wakhe babaleka. Bahlala eGibhithe waze wafa uHerode,

lokhu kwaba ukugcwaliseka kwemibhalo ngo mprofethi uHoseya

lapho athi, “eGibhithe ngiyakuyibiza Indodana yami.”

Esetholile uHerode ukuthi izazi zimkhohlisile wathukuthela

kakhulu. Wayesethi bonke abafana abangaphansi kweminyaka

emibili mababulawe. Kwakukubi kakhulu ukubulawa kwabantwana

baseBethlehema nama phethelo. Kodwa kwakukhona ngaphambilini

uprofethi womJuda uJeremiya owabikezela ngalesisehlakalo

esibuhlungu.

Esefile uHerode, ingelosi yavela kuJosefa yathi makabuyele

kwaIsrayeli. UJosefa nokho wesaba ngoba indodana kaHerode

256

yayibusa eJudiya ngakho wayokwakha kwamakhelwane eGalile

idolobha laseNazaretha. UJesu wakhulela lapho. Nalokhu

kwagcwaliseka umbhalo othi, “Uzobizwa ngokuthi umNazaretha.”

Imibuzo

1. Ngubani uMariya?

2. Yavela kubani ingelosi ukuzosho ukuthi lingubani igama

leNgane?

3. Zezelani izazi kwaJuda na?

4. UHerode wayemfunelani uJesu?

5. Izazi zazikanjani ukuthi kufanele zihambe ngenye indlela na?

6. Wazama kanjani uHerod ukubulala iNkosi yeseThembiso

sabaJuda na?

7. Wazi kanjani uJosefa ukuthi kufanele babaleke noMntwana na?

8. Wazi kanjani uJosefa ukuthi kwase kuphephile ukubuyela

emuva?

9. UJosefa wayelani ukuyokwakha komakhelwane eGalile na?

10. Liyini igama ledolobha akhulela kulo uJesu na?

Amaqiniso kaMoya - Isifundo 1

ngokukaMathewu 1-2

1. UNkulunkulu wethembekile uzigcina njalo izethembiso Zakhe.

Selokhu kwadalwa

owesilisa nowesifazane, uNkulunkulu wethembisa ukuthi

uzothuma uMsindisi emhlabeni. Eminyakeni wayelokhu

ephindaphindile ukuthi wayezofika nangendlela azofika

ngayo. UJesu wafika kanye ngalendlela ayeprofethwe ngayo

eZwini. Ake sikhumbule, kulendaba ukuthi kwagcwaliseka

isiprofetho ngokuzalwa kukaJesu.

*UNkulunkulu nakithi wethembekile, eBhayibhelini ziningi

izithembiso ezibalulekile uNkulunkulu azenzile ngokusicebela.

Uzozigcwalisa lezizethembiso nezi-profetho, kubalulekile ukuthi

sifunde imibhalo ukuze sithole izithembiso zikaNkulunkulu

ezimpilweni zethu.

257

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!