29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Nkosi ngokuba ungibizile ukuba ngibe umfundi kaJesu Kristu.

Ngiyabonga Nkosi ngoba ngingongcwele kaJesu umuntu

owahlukaniswe yiNkosi. Baba isifiso sami ngukuba ngethembeke

kuKristu. Egameni likaJesu, Amen.”

Ngemuva kokwenza lokhu, funda ivesi elilandelayo wenze

khona lokho.

Umsebenzi: Yenza lokhu eqenjini lakho khona manje.

212

SENZIWA KANJANI ISIKHATHI SOKUBA WEDWA

NONKULUNKULU - Isigaba III

Uqeqesho Lokwenza Abafundi Bendawo Abaholi - Isifundo 6

Thomas Wade Akins

UKUNXUSA

IBhayibheli kwabase-Efesu 6:18 lithi, “Ngokukhuleka konke

nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde

ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke.”

Ukunxusa umkhuleko wokukhulekela abanye abantu.

Mhlawumbe unekhasi eBhayibhelini lakho elingabhalwe lutho.

Lehlukanise izikhala noma wenze enothibhukwini ubhale uhlu

lwabantu ozobakhulekela usuku ngosuku.

Kanje, bhala igama elithi, “nsuku zonke” esikhaleni

sokuqala noma ekhasini lokuqala. Ngaphansi kwaleligama bhala

igama loshade naye, abantwana bakho, umama, ubaba, abafowenu

nokunye.

Ekhasini noma esikhaleni esilandelayo, bhala i“Sonto”.

Ngaphansi kwalelogama bhala uhlu lwabantu olufaka umalusi

wakho nomkakhe, nothisha bakasontosikole, nofunda nabo.

Bhala “Lwesibili” ekhasini elilandelayo noma esikhaleni.

Kuloluhlu bhala amagama ezihlobo noma abangani.

Ekhasini elilandelayo bhala “oLwesithathu”. Loluhlu lufaka

amagama ezithunywa zevangeli, nabaholi bemihlangano emikhulu,

nabaholi bamabandla.

Esikhaleni so“Lwesine” bhala amagama abaholi

bezepolitiki. 1 kuThimothewu 2:1-2 kuthi, “Ngakho-ke kuqala

kukho konke ngiyala ukunxusa, nokukhuleka, nokucela nokubonga

kwenzelwe abantu bonke. Amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze

sihlale kahle ngokuthula ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha

esipheleleyo.”

Bhala igama u“Lwesihlanu” esikhaleni noma ekhasini

elilandelayo. Ngaphansi kwaleligama bhala uhlu lwabantu

abahlehlileyo ebandleni noma abalahlekileyo.

Bhala u“Mgqibelo” esikhaleni sokugcina noma ekhasini

lokugcina. Bhala amagama abantu abangabangani bakho,

213

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!