29.12.2012 Views

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

Ukuvangela Okucabindlela - Pioneer Missions

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

SENZIWA KANJANI ISIKHATHI SOKUBA WEDWA

NONKULUNKULU - Isigaba II

Uqeqesho Lokwenza Abafundi Bendawo Abaholi - Isifundo 5

Thomas Wade Akins

UKUVUNYWA KWEZONO

Angikholwa ukuthi kufanele usebenzise isikhathi esiningi

ukuvuma izono. Uma wenza isono ngikholwa ukuthi uMoya

oNgcwele uyakulahla ngecala ngaso lesosikhathi. Lapho ekhuluma

nonembeza wakho ekutshela ukuthi wonile, kufanele usivume

lesosono ngasolesosikhathi. 1 kaJohane 1:9 iBhayibheli lithi, “Uma

sizivuma izono zethu uthembekile ulungile ukuba asithethelele

asihlambulule kukho konke ukungalungi.”

Kepha ngesikhathi sakho sokuthula mhlawumbe

uNkulunkulu uyobuyisa emqondweni wakho isono

esisandakwenzeka. Mhlawumbe unomoya omubi maqondana

nothile, ukuthukuthela noma ukubaba. Uma kunjalo kufanele

uzivume zonke lezizono ezisenhliziyweni yakho.

UKUBONGA

IBhayibheli kwabaseFiliphi 4:6 lithi, “Ningakhathazeki

ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu

ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.” Ukubonga

ngukubonga uNkulunkulu ngezenzo zakhe. Njengokuthi,

“Ngiyakubonga Nkosi ngempilo nangokudla nangomsebenzi

nokunye.”

UKUZWA IPHIMBO LIKANKULUNKULU

IBhayibheli kumaHubo 6:5, “Mphefumulo wami zithulise

kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.”

KumaHubo 46:10 kuthi, “Thulani, niqonde ukuthi mina

nginguNkulunkulu…”

Ungalizwa kanjani iphimbo likaNkulunkulu? Mina-nje

ngokwami angikaze ngimuzwe uJehova ekhuluma nami ngephimbo

210

elizwakalayo, kodwa ngilizwile kaninginingi iphimbo

likaNkulunkulu empilweni yami. Kanjani?

UNkulunkulu uqale akhulume nawe akhulume nawe

ngezindlela ezimbili nsuku zonke: ngoMoya oNgcwele nangeZwi

lakhe. KwabaseRoma 10:17 kuthi, “Ngalokho-ke ukukholwa kuvela

ngokuzwa ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.”

IBhayibheli li incwadi kaNkulunkulu eza kuwe. Isifiso

sikaNkulunkulu ufuna ukukhuluma nawe nsukuzonke ngoMoya

Ongcwele nangezwi lakhe. Ngizofuna ukuphakamisa ezinye

zezindlela zokuzwa iphimbo likaNkulunkulu.

A. Qala ngalencwadi eyodwa yeBhayibheli. Ngiphakamisa ukuba

uqale ngencwadi yabase Efesu.

B. Cela uNkulunkulu akubonise iqiniso noma amaqiniso kamoya

kulelo nalelovesi noma indima. Kanje, kwabase-Efesu 1:1 kuthi,

“uPawulu umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu,

kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu

Jesu.” Yimaphi amaqiniso okomoya akulelivesi?

1) UPawulu ungumKristu nomphostoli kaJesu Kristu.

2) Wakhethwa ngentando kaNkulunkulu.

3) Igama “abangcwele” limele amaKristu ase-Efesu.

4) Lamakholwa ayethembekile kuKristu Jesu.

C. Lelo naleloqiniso liqondise kuwe. UNkulunkulu ukhuluma

nawe ngalelo naleloqiniso. IBhayibheli liyincwadi yothando

evela kuNkulunkulu eza kuwe. Kanje, uNkulunkulu ungitshela

amaqiniso amathathu kulelivesi.

1) Wade, ungumfundi kaJesu Kristu ngokwentando yami.

2) Wade, ngakukhetha ngokwentando yami.

3) Wade, ungongcwele wase Belo Horizonte.

4) Wade, ngifuna ube ngothembekileyo kuKristu Jesu.

IZWI LIKANKULUNKULU UNGALISHO NGAMANYE

AMAZWI

Ungalisebenzisa ivesi ukuba ukhuleke ngalo. Sebenzisa

abase-Efesu kanje, “Baba wami, Nkulunkulu wami, ngiyakubonga

211

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!