29.12.2012 Views

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

182

Ucwaningo luthole ukuthi abantu belisebenzise igama isikhathi eside kodwa bengaliqondi ,

kuthi ngesikade kuzwakale umbuzo othi: Kwabe kuqondwani ngaleli gama ? La mbU20

usuke usuvela nabathile abasuke belinambithisisa igama noma izwi ngapharnbi kokuba

baliphimise. Kwesinye isikhathikuba abafikayo kuleyo ndawo abasuke befisa ukwazi ukuthi

basuke beqonde ini abantu baleyo ndawo uma besho lawo mazwi. Imvamisa akube

kusabakhona onempendulo esheshayo uma kuwukuthi isizukulwane leso esabe siqarnbe lelo

gama asisekho kanye nababethi bayaligcina ngesimo samazwi .

Lokhu kudalula ngokusobala ukuthi abantu balolo hlanga abazijwayezanga ukuba babe

nenaka ngezinto zabo ikakhulukazi lew ezibadalulayo phakathi kwezizwe zomblaba.

Kuyajabhisa uma abantu bohlanga oluthiIe sebengakwazi ukuchaza into ngendlela yayo

njengoba elanda uf'errarro, (1992: 34) uthi :

Each and every nation have a vast vocabulary use to

describe and identify their cattle according to certain

physical features such as colour , markings and hom

configuration.

Ulimi luqukethe okuningi kakhulu okuwusikompilo lwaleso naleso sizwe . Phakathi kwezinye

zezinto ezingabalwa ilezi : UbuhIobo ,ukudla , ukusebenza , imvunulo kanye nenkolo

nokunye. Isiko lokuqanjwa kwamagarna lingelinye lamasiko amadala asekhona noma amanye

esashabalaIa kodwa lona leli isiko Iikwazile ukusala emzileni . Okwenze lakwazi ukuba

libekhona kuzc kube manje yikuthi:

Narne - giving among Bantu culture therefore reflects the socio ­

cultural circumstances ofthat group.

(Neethling,1995:957).

Isiko lokuqanjwa noma Iokwethiwa kwamagama kwabantu noma kwezinto ezithiIe

liqhutshwa ngesizctha nangenhlonipho enkulu neyesabekayo. Izizathu zokuba leli siko

Ienziwe ngenhlonipho nangesizotha yikuthi aligcini ngokuthinta umuntu siqu sakhe kodwa

kuthinta nabantu abasuke bemzungezile. Umuntu uma ephimisa igama usuka edlulisa

ubunjalo bendlela acabanga ngayo naphila ngayo. Ngakho uzama ngezikhathi zonke

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!