29.12.2012 Views

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

3

Imvamisa akube kusabakhona onempendulo esheshayo uma kuwukuthi isizukulwane leso

esabe siqambe lelo gama asisekho kanri nababethi baya1igcina ngesimo samazwi

abazijwayezanga ukuba baJiphimise ngendlela ezokwenza kugcineke umqondo nommongo

walo, Kube kuyathohkala nalabo abebethi baJigcina ngokuthi baJiqophe phansi ezinewadini,

baliloba ngendlela engeyiyo futhi engenakho ukuqikelela ekutheni kugcineke umongo walo.

Ubudedengu nokunganaki kwesizwe lokhu ngokwakubo kungaholela ekutheni isizwe sijeze

kanzirna, Kwesinye isikhathi singagcina sesikhokhe izizumbulu zemali. Ngakho esizama

ukukuthola nokukubuyisa umsuka womongo wegama noma wamazwi athile, ok..wakufanele

ukuba aphathiswe okwezikhaJi zamaNtungwa. Umzekelo walokhu, ikhambi lokulapha isifo

sengcuIaza. Isifo lesi kungenzeka uma kunganyakazizwa abathile asebalala, bebuzwe ngaso,

bengathi uma bevuka, bethi nhla qede bathi : Usibanibani uphethwe yikuthi futhi kulashwa

ngokuthi.

Insambatheka ekhungethe isizwe mayelana nokwelashwa kwalolu bhubhane idalwe

ubudedengu obuholele ekulablekeni kwengqikithi yezinto ezithile eziwumgogodla

wesikompilo lesizwe njengokwaziwa nokukhumbuleka kokuqanjwa nokubizwa kwamagama

ezinto ezithile nemvelaphi yazoo Lokhu kuthinta ikakhulukazi uxhumano phakathi

kwemvelo, umhlaba kanye nabantu.

Ulimi luneqhaza elikhulu empilweni yomuntu. Ubuciko nobuntengu bulele

ekusetshenzisweni nasekwazini ukwethula isithombe esithile umkhulumi ahlose ukusithula .

Lokhu angakwenza umkhulumi ngokuqhathanisa into ethile nethile ngokukhandeka noma

ngendlela esebenza ngayo noma ngokubukeka .

Ukukhula ekwazini ulimi kusuke kungenxa yokufundiswa kahle izimo ezithile zokukhuluma .

Izimo zokukhuluma ezingabalwa ilezi: Izaga, izisho, uzwelomagama kanye namagama

okuhlonipha. lzimo zokukhuluma lezi ziqukethe usikompilo lwaleso naleso sizwe.

Ngamafuphi ulimi ngale kokuba kuxhunyanwe ngalo, luphinda lube isibuko somphakathi .

Luyisibuko ngezizathu zokuthi uma umphakathi ufuna ulruzinuka amakhwapha noma

uziqhayise ngokwawo bibe sekuzwakala kulo ulimi lapho seluveza ubuhlonzo nobuchule

balobelu.

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!