29.12.2012 Views

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

Ucwaningo olunzulu ngamagama okuqanjwe ngawo izindawo. TJ Mbuli

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

11

amabili nambili kwakhothama iNkosi uMpande okwabe kunguyena owayenobudlelwano

obuswabulukiIe nabelungu kwaZulu.

Ucwaningo luhlose ukuba lube lubhaqa nevuso lokuba isizwe sizinuke amakhwapha

ngokwaso. Kanjalo nokuzilanda emasisweni noma kwaziwa kahle kamhlophe ukuthi

seziyobuya sezingamaxhumela nokho ithemba Iithi, phakathi kwezigqala kophumaonondlini

okuyoncinta kubo izizukulwane. Kodwa ithemba elikhulu elokuthi okungenani azibuye

kumasiso ukuze kushukelwe izingane izikhumba, kwenzelwe abantwana okokwembatha .

Ucwaningo luhlose ukuqhwathulula ufusimba olusesintwini nolubambe isiNtu mayelana

nenkoleloze kanye nemfeketho yenkohliso yokuthi kungcono okwakwamlungu ngakho

makudlondlobaliswe, kunyathelwe okwesiNtu ngoba kuthiwa akunabuhlakani narnlando .

Ucwaningo Iuhlose ukuklezisa nokufundisa ikakhulukazi abantu abathanda ubuzwe

nomlando ngemvelaphi yabo.

Ucwaningo Iuhlose ukuba lube yisilulu sethemba lapho abaqambi bendlela esebephakathi

nayo bekwazi ukuthi uma bejeqeza ernuva, bebone umthanyana ufufusa uqhamuka qede

kube nethemba nenduduzo yokuthi uzwathi abaluphehlayo lwakwazi ukuba lokheleke noma

kwenzeka ukuthi noma besithela kobakbona abayoyilanda ernanxiweni .

Ucwaningo luhloswe ukuba kuqhutshekwe phezu kwesisekelo esesibekiwe kuphindwe

kuhlanganyelwe kanye nenqina ethe chithi saka ukuhlwaywa izimfa ezitshingwe izihlakaniphi

zesikhathi esedlule . Kubafundisi bolimi lwethula inselelo yokuthi abafundi bakbuthazeke

ekubeni babuke izinto nhlangothi zonke ikakhulukazi ezilotshwe phansi .

Lo msebenzi ungomunye wemikhusu yezizukulwane ezithandayo ukuhlaziya ulwazi

,zingagwinyi ngale kokuba zicubungulisise. Njengoba izwe livunule laconsa ngamanoni

emlayezo eyashiywa ngokhokho, ucwaningo lukubone kuyinselelo ukuba kutholakale ulwazi

lokuyifunda ivaliwe mayelana namaganIa okuqanjwe ngawo izindawo ezingaphakathi

esiqiwini saseHluhluwe - umfolozi .

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!