19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UMsimang, (1975:314) uthi:

Umhlahlo lona nawo unemithetho yawo.

Okokuqala . ukuthi ungena ekuseni kakhulu,

kuyothi kusa sebenukiwe abanukwayo.

Urnhlahlo lona ungenela esibayeni lapho bafike

baguqe khona bona abazokuzwa. Bazonele

bakhuleke bese ebasukela amathwasa. Azothi

ukubavavanya ebamfunfitha, kanti uyise akakezi

usahlola laphaya endlini. Abhula qede ahlale

khona lapho esibayeni, phela uma engabuyela

emuva kungathiwa aseyohlebela uyise

okufuneka abize umuntu ngegama.

Umhlahlo ngumbhulo omkhulu, Lo mbhulo wenziwa ngemvume yeNkosi.·

Wenziwa uma kunukene umndeni noma kuxabene isifunda seNkosi. Uma isimo

sinjena kumenywa ingomboco ngemvume yeNkosi. Akubhuli sona isangoma

kodwa kubhula balozi abavele bambize ngegama umuntu omubi. Lolu hlobo

lombhulo lungena ekuseni.

UNkosi, (2007) uthi:

Umhlahlo umenywa uma kunesidingo kufa

abantu emndenini kungaziwa ukuthi ngubani

umthakathi. lNkosi iyaziswa uma kuzomenywa

umhlahlo. Kokunye kufa abantu emizini othile

befa ngendlela engaqondakali. Amadoda

ayahamba aye eNkosini ayocela umhlahlo.

lNkosi kuphela enika imvume yokumema

umhlahlo. Elinye igama lomhlahlo kuthiwa

ingomboco.

Uma izinto zinzima kusukuma amadoda omndeni uma kumbe kungumndeni

odinga usizo. Yiwo aya eNkosini uyocela lolu hlobo lombhulo. Kufanele kuyiwe

eNkosini ngoba kuzobhicana umndeni uma esekhonjwa ngomunwe umthakathi.

Uma kanti ububi busesifundeni yiwo amadoda abona isidingo. Lo mbhulo-ke

ugcina usumenywa yiyo iNkosi.

104

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!