19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

izangoma azigibeli ezimotweni kodwa zihamba ngezinyawo kodwa-ke ziyacela

emsamo ngesiko lempepho ukuba zivunyelwe ukuba zigibele ezimotweni uma

amabanga emade kakhulu.

UNtombeIa,(2007) uthi:

Mina ngangiphathwa yikhanda elingapheli

elalehlula odokotela nezinyanga Ngibe

nokukhathala ngiphelelwe arnandla,

Ngangiphathwa amazinyo angapheli ngize

ngiwashunqisele ngempephho. lkhanda leli

lalingiphatha Iiphume ngamehlo.

Umuntu ongenwa umoya wedlozi udlula ezinhluphekweni eziningi. Lo muntu,

uhlaselwa yizinhlobonhlobo zezifo ezingelapheki. Uyagula ngezigulo eqinisweni

ezingezona ezokufa ngoba ugula iminyaka eminingi engasindi futhi engai!.

Khona angaze agcine ngakho ukufa uma idlozi lingabhobokanga lamthumela

esangomeni. Olunye uphawu kuba yikhanda elingapheIi futhi elingezwa

nemibhemiso. Kuyiwa ezinyangeni nakodokotela kodwa kubenhlanga zimuka

nomoya, Kuba nokukhathala okungavamile nokuzamula okungapheli. Abanye

baphathwa ngamazinyo angapheliyo kwale noma umuntu esewashunqisela

ngempepho kungezwakali. Libalibi ikhanda lemimoya, lishaya liphume

ngamehlo.

Lo muntu uhlala enomzirnba obuhlungu, ahlale ekhathele engazi nokuthi enzeni.

Uhamba kabuhlungu esindwa amahlombe. Kuthi rnakazamule njalo njalo.

Uhlala enomunyu. Lezi zirnpawu zicacisela wonke urnuntu ukuthi kukhona

okonakele. Norna ngabe abantu bayabona noma bayasola ukuthi 10 muntu

ungenwa yidlozi ngeke bakuqinisekise idlozi lingabhobokanga Alingeni

kamnandi idlozi, lingena kabuhlungu. Liyamtuba aze athambe, konke okufunwa

yidlozi useyokuvuma. Ukungenwa yidlozi yinhlanhla enkulu. lza kalukhuni

kulowo eze kuye yingakho kulukhuni kangaka ukwernukela idlozi egazini.

Likhandla ingqondo, umzimba kanye nornphernumulo. Umuntu ongenwa yidlozi

uhlale enomunyu aze akhale kwesinye isikhathi abe ngurnuntu onozwela,

18

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!