19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ibomvu elisha alibhudwa, linesishozi, libiza umbani wezulu. Olibhudile ibomvu

elisha angaleleswa yizulu. Liyatatshwa bese lilengiswa emsamo unyaka wonke,

liphume isishozi lize lisetshenziswe ngonyaka olandelayo.

UMhlongo, (2007) uthi:

lthwasa liqala libhudwe ngebomvu. Lixovwa

ngegobongo lobulawu nenyongo yembuzi.

Ukunqwambisa nokubhuda kwenzeka ngesikhathi esisodwa. Lokhu

kunqwambisa kwenzeka lapho ithwasa liyovuma idlozi -ekhaya kubo lapho

lizalwa khona. lrnbuzi yokuvuma idlozi iyona eqala kuqala ukusondeza ithwasa .

emadlozini.

Ibomvu inhlabathi yemikhosi yabaphansi lisebenza izinto eziningi kwaZulu.

Kusetshenziswa ibomvu elinonyaka ngoba ibomvu elisha libanga ukugula. Lo

mkhosi wokubhuda ungumkhosi omkhulu. Lo owethwasayo wahlukaniselwa

abaphansi ngoba ibomvu elemikhosi yabaphansi. lbomvu nomcako omhlophe

kusebenza umsebenzi ofanayo kodwa ukusebenzisa ibomvu kukhomba ukuthi

umngoma othwasisayo wethwasela ngaphandle kanti 10 osebenzisa umcako

kukhomba ukuthi wathwasela emanzini.

UMhlongo, (2007) ubeka kanje:

Unqwamba ngaso isikhumba lesi. Kukhishwa

inyongo, nesinye bese kuthi isikhumba sayo

kwenziwe ngaso isiphandla nomnqwambo.

Uqiniswa ngayo inyongo emalungeni onke

ornzimba ukuze akhothwe amadlozi. lnyongo

ibuye ixovwe nebomvu bese uyabhuda

ngebomvu.

Isiphandla siluphawu lokuhlatshiswa nokwemukeleka. Uma umntwana ezelwe,

ufaka isiphandla okuyinkomba yokwemukeleka kwabomndeni azalwa kuwo.

49

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!