ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
You also want an ePaper? Increase the reach of your titles
YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.
Laba bantu abangenwa yilo moya wamandiki

bonke bayaqhashaqhasha bahayize, bazamule,

babhodle, bahlabelele, badlalele ngendlela

engafani neyesangoma

Umuntu ongenwe umoya othile ubonakala ngendlela ahlabelela asine ngayo.

Umuntu ongenwe yidlozi naye uyehluka kumuntu ongenwe onemimoya

yamandiki namandawe, angahambisani nedlozi. Bahlabelela izingoma ezehlukile,

basine ngendlela eyehlukile. AmaZulu ayakwazi ukumbona umuntu ongenwe

yidlozi kanti futhi nonamandiki namandawe, babona umehluko okhona ekusineni

kwabo.

2.5.1 Inono

UNtombela, (2007) ubeka kanje ngenono:

lnono mumoya yabantwana abahamba

besebancane, lihambisana nedlozi lasemanzini.

Eminye yale mimoya ngeyamakhosikazi, eminye yayo eyabamnurnzane.

Kukhona nemimoya yabantwana abafa bebancane, nabo banohlobo lwabo

lokunakekelwa Lo moya wabantwana kuthiwa umoya wenono. Ungumoya

ongahluphi ngalutho. Utholakala njalo uhamba namandiki namandawe. Lo moya

ungumoya onobumnene njengoba ungumoya wabantwana abancane.

2.5.2 Amagobongo amandawe, amandiki nenono

NgokukaNtombela, (2007) uwachaza kanjena amagobongo:

Amandawe igobongo lamandawe lithakwa ngale

mithi, ubhubhubhu, umaguqu, uhlungunhlungu,

ibheka, igwayana nomphenduli.

Amandiki igobongo lamandiki lona lithakwa

ngale mithi; umayisaka, umaguqu, umphenduli,

ubhubhubhu, uhlunguhlungu nomnungumabele.

27