19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ayihlangabeze ngembuzi kushiswe impepho

libikelwe idlozi ukuthi seliyahamba seliyogana

Unqwambisa ngaso isikhumba sembuzi.

Kufuthwe inyongo nesinye ithwasa likuthwale

ekhanda.

Ukukhanyisa izindlela zedlozi lethwasa eliganile, uyise wethwasa ukhipha

imbuzi, abakubo bakhiphe imbuzi, umyeni wethwasa yena ukhipha inkomo

alilobole idlozi iye kubo kamakoti lapho ezalwa khona, Umyeni wethwasa ubuye

akhiphe imbuzi. Izinyongo zalezi zimbuzi zihlanganiswa okhambeni lotshwala,

uthwasa aphalaze ngazo.

Umakoti 10 oyithwasa usezoletha imfuyo phakathi komuzi. Le nkomo yenzela .

ukuba idlozi lakubo kamakoti lingabi namona kodwa limlekelele umntwana walo

lapho ekhanyisa izimfihlo zababhuli. Umkhwenyana uyikhipha ekhululekile Ie

nkomo ngoba uma izinto zomkakhe zicacile, uzoceba kakhulu, izinkomo

zizobulala inyoka njengoba kubanjalo ezangomeni eziphumelelayo, zonke

ziyaceba ngemfuyo.

UKrige, (1936:305) uthi:

For these two goats are taken, one from mother's

people and one from his father's and these are

sacrificed to bring together the two sets of

spirits. The people bonga (praise) the spirits and

say 'rest, spirits on both sides, enlighten us

which spirit has entered the patient.'

Lezi zimbuzi zithathwa ezinhlangothini ezimbili

kubo kwethwasa nasekhakonina kwalo,

ukuhlanganisa Ie mimoya yomibili. Abantu

babonge bayitshele imimoya ukuthi

isihlanganisiwe, ayingabe isamhlupha 10

othwasayo.

Abemindeni yalowo othwasayo bakwenza konke abakutshelwa ngumngoma

othwasisayo, bakwenza bekhululekile ngoba izinhliziyo zabo zisuke

57

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!