19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

zimphelekezele. Laba babizwa ngokuthi

umthimba. Ngale ngasekhaya nakhona

kumenyiwe labo bekhetho. Izangoma zendawo

zona azimenywa kodwa zibikelwa amakhosi azo

ukuthi kukhona udwendwe oluzayo. Nabo

sebezolungisa eyabo imvunulo bablangabeze

umthimba. Utshwala sebugaywa yonke imizi.

Sekuze kwafika ekugcineni kwayo yonke imicimbi yokwethwasa. Lesi sikhathi

yisikhathi esijabulisayo nakulo ithwasa uqobo, lijabulela ukuthi nalo selizoba

neziko laso, selizozimela. Ukubuyiswa kwalo kwenziwa ngoba sebekholwa

ukuthi uthwasa usenalo ulwazi olwanele, azosiza ngalo abantu. Koba yilanga

lapho ezoziqhakambisa khona ngemvunulo namakhono okusina. Kuye uthwasa

intaka iyobe ibekelwe amazolo.

UMhlongo, (2007) uthi:

Kumenywa izangoma bese kugaywa utshwala.

Ithwasa liphotha imiyeko ephothelwa ngobuhlalu

obubomvu nobumhlophe. Kulungiswe igobongo

lomcako elixutshwe nobulawu obumhlophe.

PheIa konke kwenziwa ngoba isikhokhiwe

inkomo kayise. Kuba nomncamo

njengodwendwe elungiseia ukuyosina kubo.

Kulo mcimbi kulungiswa izimbuzi ezimbili, enye ifika noyise kanti enye

uyohlangatshezwa ngayo esangweni ivela kubo kwalo ithwasa. Kubo kathwasa

kulungiswa nenkomo yokumamukela ekhishwa yilowo oqondene nethwasa.

Isangoma esethwasisayo sifika siqhuba imbuzi. Imbuzi empheIezelayo uthwasa,

kanti kubo kwethwasa kukhishwa imbuzi emngenisayo esangweni. Kuthi uma

izangoma sezifikile esangweni zikhuleka, abakubo kathwasa nabo behia nembuzi

nokhamba lotshwala. Lo mcimbi ungumcimbi wokuhlanganisa idlozi abethwasa

ngalo idlozi lasephehlweni lihianganiswa nediozi lakubo kwethwasa, inkulu

inhlokomo esangweni isangoma esithwasisayo siyakhuluma, sibonga ukusinda

kukathwasa nokuba abaphansi bamvumele ukuba athwase aze aqede. Nabakubo

76

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!