19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Uma idlozi libhoboka kuvama ukuba kube khona umuntu ongabonakali ofundisa

lona ogulayo amahubo obungoma. Uhlabelela asine, aze agcine esephuma ekhaya

ejubalala eseya esangomeni esethwasisayo.

UMthembu, (2007) yena ubeka kanjena:

Ngangisebenza eThekwini sengigule ngaba

yinqaba, ngingasakwazi ukuzihambela. Kwafika

izwi ezindlebeni zami lathi: phuma uhambe

ngizokuhola ngikuse lapho ufanele uye khona.

Ngavuka-ke ngahamba kodwa ingqondo yami

ithathekile. Uma sengingene kwaMakhosi

wangiphuzisa igobongo lokubehlisa abadala.

WaphehIa ubulawu wangiphuzisa, wangigcoba

ngengwebu ngalala njengofileyo.

Kufika umuntu okhuluma kuzwakale asho kucace ukuthi uzomthatha lona

ogulayo umusa lapho eyosizakala khona, Imvama kuba umuntu amaziyo lona

ogulayo noma-ke azichaze ukuthi ungubani, kube umuntu womndeni omdala

osewashona. Uphuma ahambe naye noma uyakwazi esangomeni esithwasisayo

noma akakwazi, 10 muntu uyamhola aze ayombeka khona. Urna behamba

endleleni, uhamba emfundisa ihubo ayongena ngalo esangomeni eliyinkondlo

yakhe.

UNtombela, (2007) uthi:

Ukuhhewula, ukubhonga, ukuzamula,

ukuphupha umuzi ozothwasa kuwo, ukuphupha

isangoma esizokwethwasisa. Ukuphuma uhayiza

uye kuwo lowo muzi ozothwasa kuwo, ngaleyo

nkathi idlozi lisuke selizikhulumela lona.

Zonke lezi zinto zenzeka uma idlozi libhoboka.

Isangoma usitshelwa yibo abadala bakhuluma

endlebeni ubezwe wedwa bengazwiwa omunye

umuntu. Lo othwasayo uphuma egijima aqonde

ngqo esangomeni. Bayamhola baze bayombeka

kusoisangoma.

33

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!