19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kanjalo notshwala buba ngangamanzi okuphala izikhumba. Kulungiswa imvunulo

nakho konke okufanele umcimbi onjenga lona.

Izimbuzi lezi ezihlanganisiwe zigunyaza amadlozi ukuba asebenze ngokuzwana

ngoba sekwabonakala ukuthi umuntu akabhuli ngedlozi elilodwa kodwa ubhula

ngenhlanganisela yamadlozi. Uyise wethwasa uza nokhamba lotshwala

osekufakwe kulo izinyongo zazo zonke lezi zimbuzi.

lobu tshwala,

Ithwasa liphalaza ngabo

UMsimang, (1975:309) uthi:

Phela isangoma asibhuli ngedlozi elilodwa kepha

ngamadlozi amaningi ayinhlanganisela kukhona

ngisho awasekhaya konina, nawasewalo, uma

ithwasa seliganile, kanye-ke nawakubo lapho

ezalwa khona. Manje-ke ukuze onke la madlozi

ahlangane ezwane asebenze into eyodwa

kufuneka ahlanganiswe ngezimbuzi.

Amadlozi angena umuntu angamabutho ngamabutho kuye ngokuthi avelaphi.

Amanye awasekhaya kubo kwethwasa kanti amanye awakomalume, amanye

engawasemzrm uma ithwasa seliganile kodwa kungenzeka engavumelani

ernzimbeni wethwasa ngakho lokho aIigulise ithwasa lelo. Kudingeka

ahlanganiswe ngezimbuzi enzelwa kuyo yonke imizi ethintekayo. Lokhu

kuyosiza ukwehlisa ulaka lwamadlozi nokwenza ukuba asebenzele impumelelo

ewonke ngoba azobe esehlanganisiwe.

Kuba nesikhathi lapho ithwasa liphupha khona, amaphupho athi uma ewaxoxela

uyise, umakhosi abone ukuthi la maphupho asho isikhathi sokuhlanganisa idlozi.

Uyise wethwasa ubiza abakubo kwethwasa ababikele ukuthi sekuyisikhathi

sokuhlanganisa idlozi. Kuyavela-ke ukuthi ithwasa lingenwe amadlozi emindeni

eminingi. Umndeni ngamunye ukhipha imbuzi. Kukhonjwa usuku lodwendwe,

kumenywe izangoma kube ezangakubo kwethwasa (umthimba) nezangakubo

kayise (ikhetho). Kuyophunywa ngehubo lezangoma kuyiwe kubo kwethwasa.

54

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!