19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

sihamba isangoma sihamba sakugijima sintshentshetha, asihambi sithele umzimba

phansi kodwa sihamba sakwethuka ukuze sikhuthaze idlozi.

UMsimang, (1975:308) uthi:

Njalo uma kufika umuntu ozokuzwa emakhosini

unikwa wona amathwasa kuqala. Unele ungene

endlini bese nawo amathwasa evalelwa kweyawo

indlu. Asezode ephuma ngamanye, kuqale

eliwagcinele onke ngokufika. Lizobhula bese

libuyela endlini yamathwasa kulandele

elililandelayo nalo liyobhula njalonjalo.

Akukhathaleki noma elokuqala· bese

liwukhiphile umkhuba, azolokhu elandelene

ngokubhula aze aqede bese kugcina uyise.

Amathwasa anezinhlelo eziyizinhlobonhlobo zokufundiswa. Emasimini

afundiswa ukunakekela ukudla. Awesilisa amathwasa abophela izinkabi

anakekela imfuyo. Ayenza yonke Ie misibenzi kodwa abengezele yona lapha

ephehlelweni abezokwethwasa. Ukwethwasa ukwenza ikhono lokubhula libe

bukhali ngakho-ke kusemqoka ukuba isangoma silolwe kuleli khono. Uyise

wamathwasa uhlale njalo ewabuka ngeso elihukhali futhi efisa ukuwasiza lapho

engekapheleli kable khona. Naye phela uzohola kungeke kwamthokozisa ukuhola

kanti umsebenzi abewenza awugculisi. Amathwasa ayakufundiswa ukubhula

afundiswe namasu akho. Kufundiswa nabantu abazobhula ukuba balikhuthaze

idlozi uma lishaya emhlolweni.

3.11 Isikhathi sokuthwasa nobungako baso

Ukukhuthala kwedlozi lalowo othwasayo yikhona okukhomba isikhathi ukuthi

sizoba side kangakanani. Abanye bayahlala unyaka owodwa ekuthwaseni ngenxa

yokuthi idlozi lakhe likhuthele, liyashesha futhi liyamkhanyisela ekubhuleni

nasekubonisweni imithi kanye nokuhumusha amaphupho awaphuphayo. Kanjalo

futhi kukhona nalabo abaqeda iminyaka eminingi bethwasa ngenxa yokuhamba

67

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!