19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

USibiya, (2007) yena ubeka kanje:

Amadlozi abantu abadala asebadlula emhlabeni,

abayizidalwa zekhaya, Umuntu nomuntu

unesidalwa sakhe azalwa naso.

Abantu bakwaZulu balinika inhlonipho elifaneleyo idlozi. Benza konke

okusemandleni ukuveza ukuzithoba phansi kwawo. Le nhlonipho ize yenza ukuba

babe namagama amanye abalibiza ngawo idlozi. Ungabezwa bethi abadala,

izinyandezulu noma izithutha, Le nhlonipho amadlozi ayithola ngenxa

yemisebenzi yawo eyaziwayo. Yiwona avikela amakhaya ezifweni

ezinhlobonhlobo. Amadlozi alusa umuntu ngomuntu womndeni. Yiwo futhi

amadlozi apha abantu bomndeni izinhlanhla ezibafaneleyo. Umoya wedlozt

ungumoya ongabonakali kodwa ungumoya owaziwayo ukuthi ukhona phakathi

kwekhaya Lo moya uke usebenze sewubonwa ngabantu bonke uma usudumbe

omunye womndeni ufuna ukusebenza ngaye. Umuntu ongenwe idlozi

uyahlonishwa kakhulu. Empeleni abantu abahloniphi yena kodwa bahlonipha

abantu abadala abamngene. Ubezwa bethi umakhosi noma bethi indlondlo, besho

10 muntu ongenwe abaphansi.

Ulllongwana, (2007) uthi:

Idlozi liyinto eyimfihlakalo egazini lomuntu

ngoba uyagula isikhathi eside kungazeki ukuthi

uphethwe yini. Mina nje ngagula eside isikhathi

ngaze ngayohlala nenyoka ehlathini. Lo moya

wedlozi wangenza ngakwazi ukukhipha izinto

ezimbi ezazigqitshwe egcekeni ekhaya, kwaba

yima abasekhaya bebona ukuthi ngingenwa

yidlozi.

Umoya wedlozi ungumoya ozifihlayo, Lo moya ungena ngokugula, okuphatha

umuntu angasindi. Ugula isikhathi eside kuzanywa imizamo yonke kodwa

ingasebenzi. Omunye usiwa ezinyangeni angasizakaIi noma esiwa kodokotela

adlule angasizakali. Idlozi lisuke likuye egazini kodwa lizifihlile, kuze kube mhla

libhobokayo. Omunye umuntu uthi kanti uyagula kodwa abe nesipho nomoya

10

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!