19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ziko. Ukuhuba leli hubo kuvusa usinga ezangomeni zeziko ngoba sezazi ukuthi

abaphansi sebebhekile ukuthi kuhutshwa ihubo labo nje kwenzenjani. Udaba

lucaca uma isangoma esithwasisayo sesibamba ngengalo uthwasa simyisa

esibayeni siyobika koyisemkhulu baleli ziko.

UNtombela, (2007) uthi:

Kuphuma kuqala ithwasa eliphumayo esibayeni

lilandelwe amanye amathwasa kuye

ngokulandelana kwawo. Azihlela kanjalo kuze

kugcine uyise wawo ekugcineni. Kuphunywa

njalo kuhlatshelelwa ingoma yokuphurria ethi:

'Jabula dlozi nansi imithwalo yakho.'

Ucwaningo luyakhombisa ukuthi izinto ezenziwa kumaziko ngamaziko azifani

ncamashi. Amanye amaziko enza okuhlukile kwamanye. Ucwaningo luyakuthola

ukuthi kwamanye amaziko isangoma esithwasisayo yisona esibamba ithwasa laso

ngengalo silise esibayeni. Ezinye izangoma zihamba zilandele isangoma

esithwasisayo nethwasa·Kanti kwamanye amaziko kuphuma isangoma

esithwasayo sizihambela silandelwa yizo zonke izangoma bese kuthi ekugcineni

kuhambe isangoma esithwasisayo uma kuyiwa esibayeni uma isangoma

esithwasisayo sesiyobikela abaphansi ngokuphela kokwethwasa siyobika

nangomcimbi ozokwenzeka

Luqalile-ke uhambo oluya kwathwasa, luqala lapho lishonile ilanga kuhwalala

kanti uma kuseduze bazofika kungakapheleli ukuhlwa kanti futhi kungenzeka

bafike ebusuku kakhulu.

4.5 Ukwamukelwa kwetbwasa

Ngabo bona lobo busuku bafika bame esangweni balinde ukuhlangatshezwa

Kuba enkulu inhlokomo izangoma zigida, zingomelana, ziqophisana khona

laphaya esangweni. Izangorna zornthimba ziphethe imbuzi ezohlanganiswa

78

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!