19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UMhlongo, (2007) uthi:

La manzi umngoma uhlamba ngawo. Kula

manzi kukhona ubuhlalu obumhlophe

nobubomvu. "Urrmgoma uhlamba ngala manzi

bese echithwa. Lokhu kungukuchitha ulaka

Iwalo muzi izangoma ezize kuwo. ubuhlalu

obumhlophe yinhlanhla, kanti obubomvu bulwa

nemikhokha yonke engathikameza Ie nhlanhla.

Izangoma ziyawahlonipha amandla obuhlalu obumhlophe kanye nobuhIalu

obubomvu. UbuhIalu obumhlophe ubuhIalu benhIanhla. Imicimbi yokuceIa

izinhlanhla ihlale inabo ubuhlalu obumhIophe benhlanhla noma umuntu

uyaganwa ugqiza ngobuhlalu obumhlophe emalungeni omzimba obumnika

inhlanhla. Noma umuntu egana yibo futhi ubuhlalu obumhlophe. Uma kuzelwe

umntwana naye ugqiza ngabo ubuhlalu obumhlophe. Ubuhlalu obubomvu

ubuhlalu bebheji, ubuhlalu obuvimba imimoya nobubi obungase behlele

umngoma.

UMthembu, (2007) uthi:

Ufika esangweni kubo kwesangoma kuhutshwe

ihubo lezangoma. Abasekhaya beza nempepho,

imbuzi yokwamukela umngoma nokhamba

lotshwaIa. lzangoma zihlamba ngayo inyongo

yembuzi ukuze zihlambuluke. Ubaba

wesangoma abike emadlozini ukuthi umntwana

usebuyile.

Kuyaye kuthi ingaqedwa Ie micikilisho yokungena, bemukelwe bese kubulawa

izimbuzi. Umngoma omusha ubakhona eduze ukuze aphuze igazi elivela

enxebeni lembuzi ngayinye. Lokhu kwenzelwa ukuba abaphansi nabo baphuze

kuye igazi Ialo mnikelo ngoba yena uyisidleke sabo. Lezi zimbuzi ziphekwa

khona ebusuku, ziphekwa yizo izangoma ezilala zidle zona. Izinyongo zazo

zombili uyaziphuza umngoma omusha, esalayo agcotshwe ngayo emalungeni

onke omzimba ukumqinisa. Enye inyongo ifakwa emanzini, umngoma omusha

80

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!