19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ziningi izimpawu eziyizinkomba zokubhoboka kwedlozi ezinjengokuzamula,

ukuhhewula nokubhonga. Okunye okuwuphawu ukusiphupha isangoma

esizomthwasisa. Lo moya omngenile uyamhola uze uyombeka esangomeni

esithwasisayo.

Amadlozi emizi ngemizi awafani, amanye abhoboka ngenye indlela engafani

namanye. Amanye amadlozi ngemuva kokugula isikhathi eside ayazikhulumela

ezindlebeni zomguli kube sengathi kukhona okhuluma naye. Njengoba amadlozi

engafani nje, amanye ayazifundisela isiguli imithi yokwethwasa, kokunye aye

esangomeni ngoba eseyophothulwa. Omunye uyifunda esesekhaya imithi.

UKhumalo, (2007) uthi:

Ukubhoboka kwedlozi kwenziwa yibo ubulawu

obumhlophe. Uma idlozi libhoboka yilapho

idlozi liba nomfutho wokusebenza lapho

likhonjiswa ukuthi umuntu ogulayo angasizwa

ngamuthi muni, noma iyiphi inyanga engamsiza.

Kanjalo nezinga lokubhula nelokukhipha izinto

ezifihliwc idlozi lisebenza ngamandla.

Ngalesi sikhathi kubuya amandla amangalisayo nabazama ukumbamba

abaphumeleli ngoba usuke edlubulundela ephikelele phambili.

Ayikho indlela eyodwa idlozi elibhoboka ngayo kodwa uma selizivezile, kufanele

lilekelelwe ngobulawu obumhlophe, okuyibona obukhanyisa izindlela zethwasa

ukuze likwazi ukuyibona imihlahlo, izindlela zalo zicace.

UMhlongo, (2007) ubeka kanje:

Idlozi liwufuzo lokuzalwa nokuzaIana. Ngagula

kakhulu ngelashwa ngangasinda, ngaya

ezinyangeni nakodokotela kwanhlanga zimuka

nomoya, lutho ukusinda ekuguleni, sengahlala

34

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!