19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Omunye umuntu uphathwa yikhanda elingapheliyo elehlula imibhemiso yonke.

Limphatha ngangokuthi wehluleka ngisho ukuthwala ekhanda. Omunye

ukhishwa isisu agule aphele amandla, Kanti uba namaphupho anhlobonhlobo.

Abantu basuke sebeyisola into yokugula komuntu ongasindi. Pho basuke

bezothini-ke ngoba idlozi alinukwa ngisho esibukhali kanjani isangoma. Lize

libonakale mhla selibhoboka ukuthi kanti bekuyidlozi. Kulezi zigulo awasali

amazinyo okuyaye kuthi uma idlozi liphezulu ankenkethele ukufa kuze kushiswe

impepho kwehIiswa Ie mimoya eza ngolaka. Uyoze aphumule mhla idlozi

libhoboka bese kwelashwa isifo esaziwayo.

Idlozi liyimfihlakalo futhi liyohlala linjalo. Uma idlozi .linganukwa yizangoma

zinganingi izinto ezingehambe kahle. Kungenzeka kubekhona nezimfamona

ezingafaka imithi yokulifinga idlozi. Yingakho lizifihla lingaveli lize libhoboke

selinamandla futhi nomuntu lowo ongenwa yidlozi esehamba eyohlala

esangomeni esizomthwasisa

UMthembu, (2007) yena uthi:

Mina ngagula kakhulu kanti ngiqhwakelwe

amadoda amakhulu. Ngelashwa kwaphela

isibaya sikababa. Nami ngase ngikufisa ukufa.

Ngase ngizace ngimncane, lutho ukusinda

nakuba ngase ngilashwe kanjani.

Ngangiphathwa yikhanda elinamandla, amehlo

ebuhlungu kakhulu. Ngangisindwa amahlombe

ngingasakwazi nokuhamba ngaze ngasizwa

yikho ukubhoboka kwedlozi.

Kusobala-ke manje ukuthi wonke umuntu ongenwa yidlozi uhlangabezana

nezingqinamba eziningi empilweni yakhe. Akekho ovele athwase kalula kodwa

bonke babala izinto eziningi ezehlukeneyo kokunye ezifanayo.

19

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!