19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

akhulume izinto ezingaziwa. Kulesi sikhathi kulapho ixazululeka khona inkinga

yomndeni obukade ukuyo ngokugula kwalo muntu. Emuva kokusina ube

esephuma ngejubane, ehamba ehuba inkondlo yakhe ayiboniswe ephusheni

yidlozi elimngenayo. Uhamba ehhewula, aze ayofika esangomeni esethwasisayo

esikhonjiwe yidlozi lakhe emaphusheni. Nakhona kwaMakhosi ufike agide

endlini kaMakhosi ebheke emsamo, akhulume izinto ezingezwakali ezizwiwa

uMakhosi, awe aquleke, anele avuke bamphuzise igobongo lobulawu.

Eqinisweni ukugula, ukuzaca namaphupho kuyamhlasela umuntu ozothwasa

kodwa akekho osuke azi ukuthi lezi zimpawu ezokungenwa yidlozi. Livamile

ukubhoboka ebusuku idlozi.

UMsimang, (1975:36) uthi:

Kuthi emuva kwesikhathi eside 10 muntu egulile,

kufike ezingeni lokuba Iibhoboke idlozi.

Kuvamise ukuba libhoboke ebusuku.

Umuntu ugula aze abe ngangabasemehlweni. Egula engasindi futhi engafi.

Omunye usuke esekufisa ukufa ngenxa yengcindezi yempilo asuke eyiphila.

Akekho umuntu osuke azi kahle ukuthi 10 ogulayo uphethwe yini. Naye ogulayo

usuke engazi. Lusuku lumbe olwaziwa ngabaphansi Iiqhume idlozi. Aliphoqiwe

ukuthi libhoboka nini idlozi kodwa ngokuvamile kuba sebusuku.

UKrige, (1936:303) uthi:

In the middle of night, when the people are

asleep, he wakes them up by singing, for the

spirits are causing him to compose songs of

initiation.

Phakathi kobusuku, bonke abantu belele Iowa

ongenwa imimoya yobungoma uyabavusa

ngokuhlabelela amahubo okwethwasa njengoba

efundiswa imimoya yabangasekho.

32

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!