19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ongavamile wokuqaqa izimfihlo, ambe nezinto ezimbi ezigqitshwe ngabathakathi.

Omunye umuntu uba nomoya wokudwanguza ehamba naye engazi ukuthi uyaphi

kanti uthathwa yilo idlozi limuse ehlathini ayohlala nenhlwathi okuyinxenye

yokwethwasa kwakhe. Abanye abantu 10 moya wedlozi ubathuma emanzini

bayohlala nenyandezulu, inhlwathi yasemanzini.

UKhumalo, (2007) yena ulazi kanje idlozi:

Idlozi lihamba phambili kanti sisuke sihlonipha

idlozi uma sithi ithongo, kanjalo abanye abantu

bakhuluma kanjalo ngethongo uma behlonipha

igama ledlozi.

Maningi amagama elibizwa ngawo idlozi. Awukho umehluko kuwo, asho umuntu

oyedwa, Abanye bathi idlozi, abanye bathi ithongo, abanye bathi izinyandezulu,

abanye bathi amakhosi noma isanusi. La magama awabizwa umuntu emi

ngezinyawo kodwa kubakhona ukuthoba bethobela amathongo baze benanele

ngokushaya ihlombe bethi, 'Makhosi!'

UMhlongo, (2007) ubeka kanje:

Idlozi liwufuzo lokuzalwa, uyagula welashwe

ungaphili, uye ezinyangeni, uye kodokotela

udlule ungaphili.

Idlozi umoya wabangasekho ongena kumuntu womuzi lowo. Ngokuvamile

umuntu ongenwa yidlozi kusuke kusho ukuthi wake wabakhona umuntu owake

waba nedlozi noma isangoma kulowo muzi noma emndenini. Idlozi liziveza

ngezindlela ezablukeneyo kuIowo muntu elimngenayo. Omunye uyagula

kakhulu, azace kanti omunye uyavuvukala kanti wenziwa umoya wedlozi

omngenayo. Omunye uba nenhlanhla yokuphupha amaphupho ezinto

ezenzekayo, kube sekubonakala ukuthi ungenwe abaphansi. Omunye uyaye

aphuphe ubulawu okufanele aphalaze ngabo aze aziphehlele yena, aye

esangomeni ngoba eseyohlanganisa idlozi, esekhishwa, Amadlozi aziveza

ngokumgulisa Iowa ozothwasa. Ugula azace aze abe mncane. Lo moya

11

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!