19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

thing is helped along with money either sixpence

or three pence.

Lesi sikhathi sokufihlela ithwasa siza ngemuva

kokunqwambisa. Uma umuntu eya esigodlweni

efihle utho abese ethi.: '0 Makhosi vumelani

ithwasa likhiphe lokho okufihliwe.' Okufihliwe

kungaba kokunye okungathi urna ayithola igcine

isingeyakhe.

Ukukhalipha kwethwasa kubonakala ngalesi sikhathi liqala ukufihlelwa.

Lifihlelwa izinto kokunye kwenye indlu noma ngaphandle. Lowo okade elifihlela

ubuya eze kulo athi; "Makhosi!" ake ungitholisele ngento yami, ingilahlekele.

Ithwasa livele lisukume liqonde kuyo leyo nto liyoyikhipha Urna seliyitholile,

kuba yiyo okunakiswa ngayo edlozini. Inikwa lona ithwasa ukuthokozisa idlozi.

Le mpandla ibekwa nezinye izimpahla zethwasa endlini yamagobongo. Khona

lokhu kufihlelwa kuyindlela enhle yokuqeqesha ithwasa, Ithwasa elifihlelwa into

liyithole, lithathwa njengelikhaliphileyo, elinedlozi elibukbali. Uma kunzima

ukuthola izinto azifihlelwe uthwasa, kusuke kusho ukuthi kusadingeka

aphalaziswe ngempela ngobulawu obuzocacisa izindlela zakhe.

UKrige, (1936:308) uthi:

Various things are hidden, and to enable him to

divine their whereabout the people claps their

hands. Then he begins to dance and goes and

fmds the hidden things, all of which he will be

allowed to keep.

Kuningi afihlelwa khona uthwasa ukuba

akubhule ukuthi kukuphi. Abantu bamshayela

ihlombe adlale abese ehamba ayifune into

ayifihlelweyo. Uma eyithola igcina isingeyakhe.

Ukufihlelwa yindlela yokukhaliphisa idlozi, uyise ubona lapha ekufihlelweni

uhlobo lwedlozi alelaphayo. Uyaphalaziswa ngobulawu obumhlophe uma uyise

ebona ukuthi irnihlahlo yakhe ayicacile. Ukukhalipha kwethwasa ekubhuleni

60

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!