19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Zimbili izinhlobo zempepho, kukhona impepho emnyama nempepho emhlophe.

Impepho emnyama ishiselwa ukuxosha imimoya emibi. Imicimbi yezangoma

kuyenzeka ithikanyezwe ngamathunzi amnyama, izangoma ziyakwazi lokhu.

Zishisa impepho emnyama ukuxosha amathunzi. Emva kwempepho emnyama

kushiswa impepho emhlophe evula izindlela zesangoma engurnxhumanisi

wesangoma kanye nethongo laso.

UMhlongo, (2007) uthi:

Ukukhishwa kwethwasa kusuke kusho ukuthi

seliphumile ebuthwaseni kodwa selingene

ebungomeni obuphelele. Isangoma sibhula

kanje: Umngoma ubhulela endlini yakhe kodwake

kunganoma kuyiphi indlu abakhuleke kuyo.

Kufanele bakhuleke besekude bathi: 'Makhosi'

noma bathi: 'Zindaba zakho mngoma.'

Kufanelekile ukuba abantu abazobhula bakhuleke ukuze bazibike edlozini libazi

ukuthi sebekhona futhi beze kulo. Bathi bangakhuleka sishintshe isangoma

silungele ukubhula. Silungela ukubhula ngoba kukhulekiwe. Ukukhuleka yikhona

kuzethula kwabantu abazobhula. Uthatha umshayelo umngoma ashayele, andlale

isikhumba noma ucansi abhulela kulo. Ushisa impepho odengezini olusemsamo,

abheme ugwayi wamakhala ngendlela yezangoma yokuwuthintithela phansi osele

esandleni, usuka lapho avunule alungele ukuqaqa izindaba zababhuli.

UNkosi, (2007) yena uthi:

Bathi abantu bangakhuleka isangoma sikhiphe

idlelo sintongele, sithimule, sibhonge, sithathe

umshayelo sishanele. Sithathe iminqwambo

sembathe, sihlale esiceshini saso. Ezinye

izangoma ziyavumisa zithi: 'Siyavuma!' 'Ingani

nize ngomkhubaT bathi abantu: 'Siyavuma!'

Uyowulanda-ke wonke 10 mkhuba aze alikhiphe

iqiniso anuke ofanele ukunukwa.

96

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!